Ziqhubekela phambili izinhlelo zokugcinca ushuni kaMajotha
INTATHELI YENGEDE
Namanje sisabhiba isilonda kubalandeli nakubathandi bomculo ngokushiwa yinsizwa okwakusalindeleke okukhulu kuyona emculweni ngendlela eyase izikhele ngayo ugazi kubantu ngezingoma zayo nangekhono lokudlala isigingci.
Sekuphele iminyaka emine,uMajotha edlula emhlabeni kodwa namanje abalandeli bakhe basalokhu benesibibithwane bezibuza imibuzo njengoba lomculi wayengenise ngamandla endimeni.
Yikho lokhu okwaphoqa ukuthi izinsizwa ayesebenza nazo lomculi owayedabuka KwaMaphumulo, zithathe isinqumo sokuliqhuba iqembu ukuze kugcineke umlando.
Phela uMajotha wayesebalwa nabaculi abanabalandeli abaningi ikakhulukazi eThekwini lapho ayezinze khona, lokhu kwakubonakala noma kukhona imincintiswane ekuvotwayo kuyo lapho iqembu lalingasali.
Izinxanxathela okuyigama uMajotha ayevamise ukuteketisa ngalo abalandeli bakhe zakhombisa ukukujabuleka kakhulu ukuzwakala kwezindaba zokuthi iqembu lakhe lizoqhubeka nomculo.
Leli qembu liyaqhubeka njengoba libizwa ngokuthi oMhlabuhlangene ezikaMajotha. Kuyimanje leli qembu lisezinhlelweni zokukhipha umsebenzi omusha kanti iningi lazo yilezi ebezigida kulona iqembu.
Ukuhlangana kanye namandla abalandeli balo mculi abonakele ezinyangeni ezedlule ngesikhathi kwethulwa umncintiswano omusha iMother of All Maskandi Festival obekuvotelwa kuwo abaculi abazongena kwiTop 30 yababezoqashwa.
Nangempela leli qembu lakwazi ukuthola amavoti alibeka endaweni enhle laze lakwazi ukuyodlala kulendumezulu yomcimbi owawuseThekwini.
Okwadonsa amehlo abalandeli bomculo kwaba ukubona leli qembu lehlula amanye elaliqhathwe nawo yize umnikazi walo engasekho.
Kuyinto evamisile ukuthi uma umculi engasekho bese abalandeli bayahlakazeka bahambe bayojoyina amanye amaqembu kodwa okuqaphelekayo ukuthi isibalo esiningi sabalandeli bakaMajotha basekhona futhi kubonakala kuyibo abeseka yonke imizamo yokusimamisa iqembu.
Leli qembu Omhlabuhlangene sebeholwa phambili nguMlungisi Sibiya futhi nguye nodlala isigingci kulo.
Le nsizwa nayo edabuka khona KwaMaphumulo, ithi isikhathi sokushiywa umholi weqembu kasibanga lula neze kubona njengoba babengalindele.
“Mina ngafika eqenjini ngizogida kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngafunda okuningi kuye uMajotha.
“Usishiya nje kwase kukuningana engikwenzayo eqenjini ngoba wayengumuntu ongenawo umona ngaso sonke isikhathi esivulela amathuba nathi.
“Nokho ukuhamba kwakhe kwasishiya sididekile singazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni endimeni yomculo.
“Sabe sesibona ukuthi kusemqoka ukuvuka sizithathe ngenhloso yokulwela igama lakhe ukuthi lingashabalali,” kusho le nsizwa.
Ithi bonke bavumelana ukuthi bazobambana baqhube umsebenzi waleli qhawe, kanti nokuxhumana kwabo nabalandeli kwaba neqhaza elikhulu.
“Namanje angazi mina ukuthi singaqala ngakuphi ukubonga ukwesekwa esikuthola kubalandeli baleli qembu.
“Phela sasinako ukuthi mhlampe njengoba le ndoda ingasekho abalandeli bazohamba bayojoyina amanye amaqembu.
“Besilokhu sithola imilayezo ebiqhamuka kubona bethi asingawuyeki umsebenzi walo iqhawe ngoba bakhona bona bazoseseka.
“Nangempela bakwenzile lokho ngoba nakhu bakwazi ngisho ukusifaka emncintiswaneni omkhulukazi owawuse Thekwini.
“Siyohlezi sibabonga futhi sizimisele ngokubajabulisa njengoba nawo ushuni walendoda singeke siwushintshe ngoba yilokho abalandeli abebekuthanda,” kuphetha yena.
UMnu Mzwandile Zungu ongumphathi weqembu uthi ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMajotha yena wayesesithathile isinqumo sokuthi uzoshiya phansi emculweni ngenxa yendlela ahlukumezeka ngayo.
“Phela uMajotha wayeyikho konke kimi futhi ngangingakakulindeli ukudlula kwakhe emhlabeni.
“Zaziningi kakhulu izinhlelo esasinazo mayelana nomsebenzi weqembu ngoba nalabafana ababegida nabo sasisezinhlelweni zokuthi kubekhona esibenzela kona.
“Abalandeli kanye nabo labafana babelokhu benginxenxa ukuthi ngingashiyi kunalokho mangiliqhube iqembu,” kusho yena.
Uthi kwamfikisela ngezinyembezi ukubona abalandeli bezikhandla bevotela iqembu belifaka emncintiswaneni.
“Kuyimanje siphezu kwezinhlelo zokukhipha umsebenzi omusha walo iqembu ngoba abalandeli bayasho ukuthi basawudinga loshuni waleli qembu futhi basazoqhubeka nokuleseka iqembu,” kuphetha uMnu Zungu.

