EzintshaUmasikandi

Kwehle amaphaphu abaculi bengena kwi top 30 ye Mother of all Maskandi Festival

INTATHELI YENGEDE

Bangene bezwile abaculi abawu 30 abakwazile ukuzibekela indawo embangweni wesicoco esiphambili emncintiswaneni iMother of all Maskandi Festival.

Phela bekubanjwe umoya ngabaculi abazokwazi ukungena kowamanqamu lapho bezobanga khona ubhedu, kulo mcimbi osekungowesibili ubanjwa njengoba wethulwe ngonyaka owedlule.

Ngemuva kokuvela kwamagama abaculi abayi 30, kube yinjabulo enkulu kwabanye njengoba bebehlalele ovalweni, njengoba kukhona nabaputshe sekuvalwe amehlo.

Kulo mncintiswano omcimbi wawo omkhulu uzobanjelwa eMoses Mabhida, ePeople’s Park, eThekwini, mhla ka 5 April, kulindeleke ukuthi abathandi nabalandeli bomculo baphume zinkalo zonke.

Okuqaphelekayo kulonyaka bangenile kakhulu abaculi abanohlonze okubonakale kulikhuphula kakhulu izinga lomcimbi.

Ukuvotelwa kwabaculi kusaqhubeka njengoba umbango wozothatha isicoco ubonakala uzoshuba kakhulu.

Kulonyaka lilodwa nje vo iqembu elimele isifundazwe sase-Eastern Cape, yiqembu Amawele kaMaMtshawe bese kubakhona uZinja Ziyamluma, okuwumculi kamaskandi ezweni laseZimbabwe.

Kulo mcimbi umculi ovotelwe kakhulu kunabo bonke uzohlomula ngemoto yohlobo lweToyota Quantum, bese kuthi olale endaweni yesibili yena akhokhelwe imali ephindiwe.

Ngokunjalo nakubalandeli lowo ozovota kakhulu kunabo bonke uzohlomula ngesipho seholidi likanokusho kwelinye lama hotela impelasonto yonke.

Abaculi abaningi leli phephandaba elikhulume nabo baveze ukuthi kwehle amaphaphu ngesikhathi bebona amagama wabo evela kulabo abangenile kwi top 30.

Bawuncomile kakhulu lo mncintiswano njengoba bethi unikeza bonke abantu ithuba elilinganayo.

UMgqugquzeli weMother of all Maskandi Festival, uMnu Eric Ngobe, uthi bajabule kakhulu ngendlela abalandeli nabathandi bomculo kamaskandi abakhombisa ukuweseka ngayo lo mncintiswano.

“Kuyasijabulisa kakhulu ukubona izinga lalomncintiswano likhula futhi indlela abalandeli nabaculi abaweseka ngayo kuyasikhuthaza kakhulu.

Lo mncintiswano sawusungula ngenhloso yokuzovulela bonke abaculi amathuba, ikakhulukazi labo ababekade bezithola bevaleleka ngaphandle.

“Siyawubona umbono wethu ukuthi usuqalile ukukhombisa ukuba nezithelo ezinhle ngoba kukhona abaculi manje amagama wabo esiwabona ekhula endimeni,” kusho uMnu Ngobe.

Uthi njengoba seyimenyezelwe itop 30, bonke labo baculi sebeqashiwe futhi bazokhokhelwa ngokuba yingxenye yalo mcimbi.

Ugqugquzele abalandeli ukuba baqhubeke nokuvotela abaculi ngoba kulo mncintiswano kusemqoka ukuba sendaweni enhle ngokwamavoti.

“Ngelanga lomcimbi kulaba abebengenele umncintiswano kuzovula umculi okuyovalwa ehleli endaweni ka 30, kanti nomhlomulo wabaculi uzolawulwa yizindawo abahlezi kuzo ngokwe log yokuvotelwa kwabo,” kucacisa uMnu Ngobe.

Ubuye wagcizelela ukuthi abalandeli baqaphele ukuthi kunenombolo entsha okuvotwa ngayo manje ethi: 35615.