EzintshaUncategorized

Kuhlonishwe abesifazane ababambe iqhaza ekuthuthukiseni imiphakathi kwezobuciko

INTATHELI YENGEDE

Kube yintokozo yodwa emcimbini weziNdlovukazi obuhlelelwe ukuhlonipha amaciko ehlukene, abesifazane abasebenza ngokuhlanganyela nabesilisa.

Laba benza umehluko emphakathini abawakhele eNingizimu Afrika. Lo mcimbi obizwa ngeQueens of Excellence ububanjelwe eStable Theatre, eThekwini, ngeledlule.

Bekuhloswe ngawo ukubungaza abesifazane ngenyanga yabo nemisebenzi ebaqhakambisayo esizweni.

Umholi weSigodlo seziNdlovukazi nongumhleli womcimbi uNdlovukazi Mapule Ngobese ngaphansi kweQueens of Excellence neKZN Women’s Authors Forum (KWAF), uchaze kabanzi ngawo.

Uthi liqhakazile ikusasa labesifazane eNingizimu Afrika ngobukhona balezi nhlangano.

“Ngizizwa ngifikelwa umunyu ngendlela owenzeke ngayo umcimbi wethu njengoba besiwenza okwesihlanu nonyaka.

Lokhu kuwuphawu olukhombisa ukuthi abantu besifazane bayakwazi ukubambisana emsebenzini abayenzayo, uma benenhloso eyodwa, njengoba abantu abaningi bevame ukukhononda ngokuthi abantu besifazane abakwazi ukubambisana ezintweni eziya phambili,” kusho yena.

Lo mcimbi obuhanjelwe izinhlaka ezahlukene zikahulumeni osomabhizinisi namaciko ngokwehlukana kwawo.

UMapule uthi sikhulu isidingo sokusebenza ngokubambisana kwabesifazane abasezinhlakeni ezehlukene.

“Asigcini nje ngokuhlela imicimbi efuze lena kodwa sibuye silekelele osomabhizini besifazane abasafufusa ngokubaxhumanisa neminyango efanele ukuze baye phambili.

Into esilekelela kakhulu ukuthi kule nhlangano yethu sibophele abantu besifazane abavela ezinhlakeni ezehlukene okwenza kube lula ukuthi sisheshe sitakulane uma kunesidingo.

Sizimisele ukufaka kakhulu abandla ethu kwabesifazane abasemabhizinisini ahlukene njengoba bebukeka besasilele emuva nje,” kusho yena.

Uthi nakuba engowesifazane osekhulile kodwa uyazihlupha ngokucabanga amasu okuthuthukisa intsha esemkhakheni eyehlukene eNingizimu Afrika.

Yingakho beqhamuke nomkhankaso wokuhambela izindawo zasemakhaya ngenhloso yokuthungatha abesifazane abenza ubuciko nabangosomabhizinisi abasafufusa ukuze babalekelele emsebenzini abawenzayo.

Uthi ithimba lakhe livame ukubonakala emcimbini eyahlukene ligqoke amaphinifa amhlophe agqize ngommbala oluhlaza okotshani, ngalokhu bathuthukisa abesifazane abaziphilisa ngokuthunga.

Yize umcimbi usuke uhlelelwe abesifazane, kodwa bayaye bahloniphe nabesilisa abenza imisebenzi emihle efukula abesifazane emphakathini.

ULungisani Mavundla weMavundla Media Production ungomuye wabantu besilisa abahlonishiwe kulo mcimbi ngamagalelo akhe okuthuthukisa ubuciko kubandakanya namagalelo akhe emsakazweni Ukhozi FM neZwi Lomzansi FM.

Ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi uphawule ngokubaluleka kokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngendlela elungile.

Omunye ohlonishiwe kube uMuntomuhle Mcambi ongumbhali wemdlalweni yomoya nezincwadi ophinde abe ngumshicileli ngaphansi kwenkampani Iziko Art Company & Publishers.

“Siyabonga kakhulu ngokuthi esikwenzayo kuyawenza umehluko emphakathini, yize sisuke senza umsebenzi singabheke zincomo. Okuseqhulwini ukuthi siphakamise ubuciko bethu nentsha yakithi ebhekene nezinkinga eziningi ngoba isizwe esingayinakeleli intsha yaso siyisizwe esifayo,” kuphetha uMcambi.