EzintshaUmasikandi

Selidume lamthatha uTshathugodo ohlelweni lukamaskandi, uSgiya Ngengoma, oKhozini FM

INTATHELI YENGEDE

Seliphinde lagawula kwahlokoma izintaba nemifudlana futhi izembe ohlelweni lomculo kamaskandi, uSgiya Ngengoma, kuKhozi FM, kulandela ukwenziwa kwezinguquko ezintsha.

Kwethuse abaningi ukuzwakala kwezindaba zokuthi uKhathide “Tshathugodo” Ngobe, usegawulwe yizembe kulolu hlelo.

Kube sekuvela izindaba zokuthi kuzokuba uVusisizwe “Sdudla Mayvis” Langa, osezoshayela lolu hlelo. Umfo kaLanga udabuka eNkandla, enyakatho emaphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Uhlelo uSgiya Ngengoma ngolunye lwezinhlelo ezihlezi ziconselwa amathe ngabasakazi abaningi kulesiteshi ngenxa yokuthi lunabalaleli abaningi kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izinhlelo zomsakazo.

Kuleminyaka edlule lolu hlelo bese luphenduke ubhande mtshelekwana ngokunjalo beluhlezi lunokuxokozela okuningi ngenxa yokubangwa kwalo.

Sebebaningi kakhulu abasakazi abebephuma bengena kulolu hlelo ngezizathu ezahlukene.

Kuzokhumbuleka ukuthi lwaluhlezi lusematheni ngesikhathi lusashayelwa nguye uTshatha noNgizwe Mchunu, osakhonjwa indlela, kulo msakazo.  Ngaleso sikhathi zombili lezi zinsizwa zazihlezi zisematheni ngenxa yezinxushunxushu ezahlukene ezazibuye zihambisane nokumiswa kwazo izikhawu kulolu hlelo.

Ngokunjalo luke lashayelwa nangu Zimiphi “Zimdollar” Biyela. Kuzokhumbuleka ukuthi uTshathugodo ubuye kulolu hlelo kulandela ukwedlula emhlabeni kuka  Bheka “Beekay” Mchunu, ongasekho, obelushayela ngokubambisana noBingelela Mpanza.

 Bekulindelekile ukuthi uTshatha uzoqhubeka nokulushayela lolu hlelo njengoba engomunye wabasakazi abanesipiliyoni kakhulu kulona futhi uyahlonishwa emkhakheni womculo kamaskandi.

Kwethuse abaningi ke uma esegawulwa yizembe ohlelweni. Ngokuthola kwaleli phephandaba uTshatha uzosakaza uhlelo lwantambama kulo msakazo.

Yena uVusisizwe Langa akamusha ekusakazeni umculo kamaskandi njengoba ubenazo nezinhlelo zikamabonakude lapho abesakaza khona umculo wesintu.

Lo msakazi uyaziwa kakhulu nangokuhambela imicimbi eyahlukene lapho okuhlezi kuhlangene khona amabhinca.

Eminyakene edlule esafunda izindaba zesiZulu ku SABC1, bekuthi uma zifundwa nguye bezingapheli kungekho udaba oluthinta ababhinca abeluveza, ikakhulukazi obekwenzeka emahostela aseGoli njengoba ubezinze khona.

Eminyakeni eminingi eyedlule wake walushayela lolu hlelo kwaze kuba ukuthi usezitholela amadlelo aluhlaza eGoli lapho ayesakaza khona kwesinye seziteshi zakhona iJozi FM, eqhuba khona izinhlelo zomculo wesintu.

Lezi zinguquko zichaza ukuthi uhlelo uSgiya Ngengoma, seluzoshayela ngokubambisana nguVusisizwe kanye naye uBingelela.