EzintshaUmasikandi

Umculi kamaskandi usezakhele udumo nogazi ngezingoma zocansi lwasemalawini 

INTATHELI YENGEDE

Endimeni yomculo kamaskandi kubakhona abaculi abaduma ngento ethile okuba yiyo eyenza ukuthi bathole abalandeli abaningi ngalokho.

Abalandela umculo kamaskandi bayazi ukuthi uma kukhulunywa ngomculi okuthiwa uSiyanda “Lagxabha” Radebe kukhulunywa ngensizwa edume ngokucula izingoma ezithe phecelezi.

Phela uLagxabha nguyena kuphela umculi kamaskandi odume ngezingoma ezinomkhuba phakathi noma ezikhuluma ngezinkinga zocansi emalawini phakathi kwabantu abathandanayo.

Yizo le nsizwa edabuka eMzumbe ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, ikuthanda ukucula izingoma ezinomkhuba kodwa kazihlambalazi izingoma zayo ngenxa yokuthi izicula ngokucophelela okukhulu.

Kwasekungeneni kwakhe emculweni uLagxabha ufike ngazo izingoma ezinomkhuba wocansi, yizo lezi zingoma ezimdonsele abalandeli abaningi.

Okuqaphelekayo abalandeli abaningi baka Lagxabha, abantu besifazane njengoba bekuthi noma ecula ezindaweni ezifana nase Workshop, eThekwini, ezomaketha umsebenzi wakhe kube abesifazane abebetholakala bememeza bemcela ukuba abashayele lezingoma ezinomkhuba phakathi.

Nangesikhathi ayecula emcimbini iMother of All Maskandi Festival ezinyangeni ezedlule kwabonakala kungabesifazane abebecela ingoma yakhe eyaduma kakhulu ethi: Ngobusuku bayizolo.

Phela yiyo leyongoma enezinhlamvu ezizwakala zincoma ukudlala kwabantu ababili abathandanayo elawini.

ULagxabha usenesikhathi eside ekhona endimeni yomculo njengoba aqala ngokwakha iqembu lomculo nezinsizwa zangakubo ngonyaka ka 2007.

Lelo qembu kalihambanga ibanga elide ngenxa yezimo ezithile kwaze kwaba ukuthi usezisungulela iqembu lakhe ngonyaka olandelayo.

Ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala ngo 2008 elisihloko sithi: Amaphara.

Uma ekhuluma ngomculo wakhe uLagxabha uthi yena ubethanda umculo kaChwane leBhaca kanye noPhuzekhemisi.

“Kangisiye umuntu oyithandayo lendaba kamangcofana emculweni, yingakho nje ungeke uzwe izingoma zami kukhona ekhuluma ngabanye abaculi.

Owami umculo ugxile kakhulu ekwakheni ngoba yikho engicabanga ukuthi siyakudinga siyisizwe,” kubeka uLagxabha.

Uma ebuzwa ngalezingoma zakhe ezikhuluma ngemikhuba yasemalawini uLagxabha uthi kwaba yinhloso ukubhala lezi zingoma.

“Uma ubheka ukuxabana nokungezwani kwabantu abathandanayo imvamisa kusukela ezindabeni zasemalawini.

Mina ngiyaye ngibhale lezingoma ngenhloso yokuqinisa ezobudlelwane phakathi kwabantu abathandanayo ukuze singaboni lezi zinto ezenzekayo ezweni zokuhlukumezana kwabantu,” kusho yena.

Uthi kakusavumi ukuthi ingabikhona ingoma eyodwa ezokhuluma ngezasemalawini uma esebhala izingoma.

Le nsizwa ithi bekwenzeka ithole abantu abakhonondayo ngezinye zalezingoma kodwa ibibaphendula bagcine sebenelisekile.

“Ngiye ngibone noma kukhona lapho engicula khona ngizwe bona abalandeli bezicela lezingoma, okuchaza ukuthi kukhona lapho ezibasiza khona ngomlayezo wazo.

Okunye engiyaye ngikuqikelele ukuthi amagama ngingawaqoshamisi ukuze abantu bangazixwayi,” kubeka yena.

Lezi zingoma ziyadlalwa nakweminye imisakazo ngoba kakuzwakali kukhona ukuhlambalaza kuzona yize ziba nomlayezo ocashile.

ULagxabha uthi yize enabalandeli abaningi kodwa kusamkhathaza ukushiywa kwakhe ngaphandle kweminye imicimbi ngoba lokho kuncisha abalandeli bakhe ithuba lokumbona edlala kulemicimbi. Kuyimanje le nsizwa imatasa nokumaketha umsebenzi wayo omusha osihloko sithi: Igwinya. Lo msebenzi usuyatholakala kuzona zonke izinkundla ezidayisa umculo online ezibiza ngama digital stores.