Kwehle izinyembezi kubazali umculi ekhala emuka nomacekeceke weQuantum kokamaskandi
INTATHELI YENGEDE
Wenqande izinyembezi sezifuna ukuzehlela phambi kwezihlwele unina womculi kamaskandi, okhale wemuka nomklomelo ophambili kwi Mother of All Maskandi Festival.
Behluleke nawukukhuluma ngoba begajwe yinjabulo abazali bakaLimit Nala ngesikhathi lomculi engena estage ezokwemukela umklomelo weToyota Quantum, eyisiteki esiphambili.
Kuqhume imkikizo namakwela abalandeli nabathandi bomculo kamaskandi bejabulela ukunqoba kwalo mculi obethwelwe ngeqoma.
Lo mcimbi osuzakhele ugazi kubathandi nakubaculi imbala uxhaswe ngabe Road Accident Fund (RAF), okuyisikhwama sabalimele ezingozini zomgwaqo eNingizimu Afrika.
Bebephume ngezinkani abathandi bomculo kulomcimbi obusezingeni eliphezulu. Amehlo abalandeli abebheke kakhulu abaculi abayi-30 abebesembangweni wokuhlabana nge Quantum.
Kuyiwa kulomcimbi nje bekungaziwa ukuthi ngubani ozohamba nayo kodwa amagama abaculi abathathu abebhekiwe okungu Limit, Menzi kanye noSolwazi.
Amaqembu akhombise okukhulu ukuzimisela kulo mcimbi njengoba nalawo maqembu abezovula umcimbi okubalwa kuwo uMtolo1, uMcebo, uMayonnaise, uMasthera, Ibhova Elincane kanye noQondanisa ukukha nje phezulu bangabanye abashiye abathandi bomculo bengawuvali umlomo.
Ngesikhathi sekungena abaculi abebesembangweni womncintiswano bese kushube kakhulu njengoba nabathandi bomculi bese beqalile ukuqagula ukuthi yimuphi umculi ozodla isiteki esibekiwe.
Phakathi kwamabili bese kucaca ukuthi luyasefa ke manje ulwandle ngoba abaculi abaningi bese bedlalile sekusele bona laba abebebhekiwe ukuthi basembangweni.
Endaweni yesithathu kungene uSolwazi neqembu lakhe ephethe isondo lemoto elisha sha. Lo mculi estage ukhulume nabalandeli wathi leli sondo alithengile liyisipho kulowo mculi ozohamba nalo iQuantum wase edlulisa izelokotho ezinhle.
Ngemuva kwakhe kube sekungena insizwa yaseMnambithi, uMenzi okunguye olale isibili wathola umklomelo wesamba sikaR70 000.
Kube sekucacela bonke ke abantu ukuthi uLimit uselithathile iQuantum. Nangempela kubenjalo, lo mculi odabuka eNkandla wangena estage nabazali bakhe lapho unina ehlulekile ukuzibamba ngenxa yenjabulo.
Naye lomculi ubebonakala enokuqhaqhazela sengathi wethukile futhi akakholwa ukuthi ngempela useludlile ubhedu. Ubonge bonke abaculi abebanga nabo wase ebonga nabalandeli ngokuzikhandla kwabo bebavotela.
UMgqugquzeli weMother of all Maskandi Festival, uMnu Eric “Ngobomnyama” Ngobe, uthi bajabule kakhulu yindlela abathandi bomculo abakhombisa ukuweseka ngayo lomcimbi.
“Siswele imilomo eyizinkulungwane esingabonga ngayo abathandi bomculo kanye nabaxhasi bethu ngokuseseka kwabo. Kusethusile kakhulu ukubona indlela abantu abebephume ngayo ukuza kulomcimbi.
Siyanxusa ukuthi abalandeli baqhubeke nokuseseka baphinde beseke nabaculi babo ngoba kuningi abasazokuhlomula kulo mcimbi,” kusho uMnu Ngobe. Linconywe kakhulu izinga lokuhleleka kwawo lo mcimbi njengoba kungekho nezigameko ezimbi ezibikwayo ngawo.

