EzintshaUmasikandi

Ufike wanyakazisa kakhulu endimeni yomculo kamaskandi uJongo Elisha nge-Dear Ex Yami

INTATHELI YENGEDE

Ibukeka isazokuba yinkathazo ngengoma emculweni kamaskandi insizwa edabuka endaweni yakwaMaphumulo, njengoba namanje ingoma eyaduma ngayo isaqhubeka nokuba yintandokazi kubathandi bomculo.

Basala bebuzana bodwa abathandi nabalandeli bomculo ngesikhathi bezwa ingoma eyayithi: Dear Ex Yami.

Yiyo kanye lengoma eyatha uThembinkosi “Jongo Elisha” Xulu, yamfaka ezinhliziyweni zabaningi.

Ezihlelweni zemisakazo okudlalwa kuzo umculo kamaskandi abalaleli babehlezi becela ukudlalelwa lengoma ngokunjalo nasezinkundleni zokuxhumana yangena kwezwakala.

Le ngoma abanye bagcina sebeyisebenzisa uma kukhona izindaba abazudlulisela labo ababezwana nabo kwezothando.

Ngokunjalo abanye beyisebenzisa njengama ring tone emafonini wabo. Le ngoma yamphakamisa lomculi njengoba waze wathola nendondo ngayo emncintiswaneni obizwa ngama-NIMA Awards, wabuye waqokelwa nakweminye imincintiswano kwangayo.

Ukudlondlobala kwakhe emculweni kwabe sekuphazamiseka ngonyaka 2021 ngesikhathi kushona uyise.

Impilo yabanzima lapho ngoba bese kufanele ukuba le nsizwa isebenze ngokuzikhandla ilekelele ekhaya njengoba wayengasekho uyise.

Kuwo lowo nyaka yakhipha ingoma ethi: Rest in Peace, okwabe kuyiyo eyayivalelisa ngayo uyise. Kuyimanje uJongo Elisha, unenye ingoma esihloko esithi: Ngisebenzela Umama.

Uma ikhuluma ngomculo wayo le nsizwa eyaqala icula phambili eqenjini elalaziwa ngokuthi: Amajongo Amahle ngonyaka ka 2013 lapho bakhipha khona icwecwe elisihloko esithi: Ngiyabonga, ithi luselude kakhulu ukhalo esazimisele ukuluhamba endimeni yomculo.

Ingomunye wabaculi abaqala ngokuthi bagide emaqenjini ngaphambi kokuba athathe indawo yokucula phambili. UJongo Elisha uthi kukhulu akufunda ngesikhathi esagidela iqembu AbakwaVezi.

Kusukela pho ke le nsizwa yabe isisungula elayo iqembu lapho icula khona phambili ibuye izenzele ama backings. Isike yacula ndawonye noMnikezwa Ngubane ongomunye wabaculi ethi ibukela kubona.  

Ithi ukucula yakuqala isafunda khona ezikoleni zakwaMaphumulo kanti yayilandela kakhulu uMgqumeni Khumalo endimeni kamaskandi.

Le nsizwa ithi ukuzimbandakanya nomculo ikwenze ngesikhathi isukile emakhaya yakhuphukela eGoli okuyilapho izinze khona ngokwamatoho.

“Ngesikhathi ngiza eGoli ngangiwumuntu owayezosebenza kodwa ngafica kukhona obhuthi bangasekhaya vele abasendimeni.

Ngabe sengingena eqenjini likaSbonani Dladla ngagida kulo. Ngokuhamba kwesikhathi nami ngathola ithuba lokuba ngiveze ikhona lami ngesikhathi sikhanda inqembu Amajongo Amahle engabe sengicula phambili kulo.

Ziningi ke izingoma esasilokhu sizenza kuleminyaka kodwa kwaba yiyo le ethi: Dear Ex yami, eyangifaka kakhulu kubantu njengoba namanje kusekhona abanokungithinta bencoma,” kusho yena.

Lo mculi uthi usazimisele ngokwenza okukhulu emculweni njengokuthi egxile ekukhuliseni igama lakhe laziwe kakhulu.

Uthi usafisa ngelinye ilanga ukudlala noMroza Fakude ngoba ungomunye wabaculi abathandayo nabahlonipha kakhulu. Uthi zonke izingoma uyazibhalela ngoba usuke esebone kukhona into ethile afisa ukuyidlulisa emphakathini.

Ebuzwa ngokuthi njengoba kukhona nabanye abaculi abasebenzisa igama lejongo lokho ngeke yini kube nokumphazamisa ngokuhamba kwesikhathi.

“Ngiyaye ngikubone lokho kodwa kube ukuthi umculo wethu wehlukile kunabanye futhi elami igama lisemthethweni njengoba labhaliswa kuzona zonke izikhungo lapho okubhaliswa kuzo amagama,” usho kanje.

Uthi ngokuhamba kwesikhathi unaso isifiso sokukhanda elinye iqembu lona elizoshaya ushuni owehlukile kunalona awudlalayo.