Izinguquko ezinqala emcimbini oyidumela iMother of All Maskandi Festival
INTATHELI YENGEDE
Sekuphelile manje ukuqagela kubalandeli nakubathandi bomculo kamaskandi kulandela ukwethulwa ngokusemthethweni kwezinhlelo zomcumbi waminyaka yonke iMother Of All Maskandi Festival.
Selokhu kwaqala ukumenyezelwa kosuku okuzobanjwa ngalo lomcimbi ozokuba seThekwini mhla ka 5 April, bese kuqalile ukuqagela nokuklolodelana kwabalandeli kukhona nabafungayo ukuthi kulonyaka bazokwenza ezibukwayo kulomncintiswano osunedumela.
Namuhla zethuliwe ngokusemthethweni izinhlelo nenqubo ezolandelwa kulomcimbi okuzokuba kungokwesibili kulandela ukusungulwa kwawo ngonyaka ophelile.
Nakuwo lonyaka amehlo abalandeli azobe ethe njo kulowo mculi ozokhala emuke nomklomelo ophambili, okuyimoto yohlobo lwe Toyota Quantum.
Ngonyaka owedlule lo mklomelo uthathwe uGatsheni, okunguye owayelokhu ebahole phambili njalo ngamavoti abanye abaculi.
Abahleli balomcimbi bathembisa izinga elizobe licokeme kakhulu ukwedlula lelo langonyaka owedlule, yize nawo washiya abalandeli bengawuvali umlomo ngenxa yokuhleleka kwawo.
Lo mcimbi kuyaziwa ukuthi umgomo wawo yilowo wokunikeza amathuba abaculi abangakahlomuli kakhulu endimeni.
Nakuwona lonyaka abaculi ekade behlomula emculweni ngeke bona bavotelwe. Yikhona kanye lokhu okwenza lomncintiswano wehluke kuneminye ngoba bonke abaculi basuke bezibona besemathubeni amahle okwenza kahle kuwo.
Kukhona izinguquko ezimenyezeliwe kulonyaka ikakhulukazi ezithinta ukungenela kwabaculi kulomncintiswano.
Kulokhu kuzoqale kwemukelwe ukuqokwa phecelezi nomination, kwamagama abaculi ngokuthi bathumele amagama abo nge email ethi: Ukmafrica24@gmail.com
Ngesonto elizayo kuzobe sekumenyezelwa amagama abaculi abawu 50 okuphakanyiswe kakhulu amagama wabo.
Lokhu kuchaza ukuthi umculi kumele alwele ukuthi babe baningi abantu abathumela igama lakhe ukuba angenele.
Kuzothi uma sekumenyezeliwe laba abawu 50 bese uyaqala ke umshika- shika wonkuvota.
Kuyoze kube ukuthi kusala abaculi abawu 30 okuyobe sekuyibo ke manje abasembangweni wesicoco kanti futhi kuyobe sekusho ukuthi yibona abazobe bedlala kulomcimbi obhekwe ngamehlo abomvu.
Umculi ozodla ubhedu uzoqhamuka kulabo abangu 30 abazobe bevotelwa kanti bonke abazobe bengenile kule top 30, bazobe sebeqashiwe futhi bazokhokhelwa.
Nabaculi besifazane abasalanga ngaphandle njengoba nangonyaka owedlule bakhona ababeqashiwe.
Ngokunjalo nasezinsizweni kukhona izingwazi eseziqashiwe okubalwa kuzo yena uGatsheni, uKhuzani, uMfiliseni Magubane, uShwi, Thokozani Langa, neGeza lakwaMgube.
Okunye okwehlukile ngomncintiswano iMother Of All Maskandi Festival, ukuthi ivulelekile nakubaculi bakamaskandi abaqhamuka nakwezinye izifundazwe.
Iningi labalandeli bayawutusa lomncintiswano ngokungachemi nangokungababandlululi abaculi.
UMgqugquzeli weMother Of All Maskandi Festival, uMnu Eric “Ngobomnyama” Ngobe, uthi lizobe liphezulu kakhulu izinga kulonyaka futhi kubonakala uzoshisa phansi umbango.
Uthi lomcimbi usazibophezele ekuqhubezeni phambili izinhloso owasungulelwa zona, okuwukuthuthukisa abaculi nokuvula amathuba kulabo baculi abangavamisile ukuthi bawathole kanye nalabo abasuke bezibone bevaleleke ngaphandle.
“Iyasijabulisa kakhulku indlela abathandi nabalandeli bomculo abakhombisa ukuwuthanda nokuweseka ngawo lo mcimbi.
Yikho kanye lokhu okusinikeza ugqozi ngoba abantu esithe siwenzela bona bakhombisa ukuwuthakasela kakhulu. Kukhulu esisazokwenza, kusekuncane kakhulu lokhu abantu abasakubabaza,” kusho uMnu Ngobe.
Uphethe ngokuthi kulonyaka kulindelele ukuba zibe phezulu kakhulu izibalo zabaculi abazongenela uma kuqhathaniswa nangonyaka ophelile.
“Phela ngonyaka odlule besiqala ukuba nawo lo mncintiswano ngakho abanye babewungabaza ukuthi uyokuba khona kodwa ngoba konke bakubona kwenzeka phambi kwabo sebebaningi manje abathi nabo ngeke basale ngaphandle,” kuphetha yena.

