Ezintsha

Wangena kwancane indawo umculo amarabi

Indima yomculo obuthandwa kakhulu ngabantu abamnyama eNingizimu Afrika isihambe ibanga elide kakhulu kangangokuba akuselula ukuthola izimpande zomculo wakuleli.

Okwenza kubenjelo wukuthi umculo omningi ugcine usudungwe kakhulu yisigqi saseNtshonalanga esiqhamuke nenqwaba yokhehlegume bezinsimbi zomculo.

U-ERIC NGOBE usihlaziyela olunye uhlobo lokuqala ukungenisa emculweni wabantu abamnyama kodwa oselwashabalala lwaphela nya.

UKUSUNGULEKA kwezakhiwo ezingamalokishi emadolobheni amakhulu kuleli ngasekuqaleni kweminyaka yabo-1930 kube nomthelela omkhulu endleleni abantu abamnyama abagcine sebephila ngayo.

Amalokishi okuqala afana neSophiatown, District Six noMkhumbane yiwona aholele ekutheni kubekhona uhlobo lomculo obukwazi ukuthokozelwa yizona zonke izinhlanga ebezihlala ndawonye kulezo zindawo.

Okunye okuyiqiniso elingephikwe kube ukundlondlobala kwezindawo ezidayisa utshwala ebezingenise ngamandla kulamalokishi zibizwa ngama-beer hall.

Ngenxa yokuthi iningi labantu ngaleso sikhathi belisebenza emafemini lihola ngezimpelasonto kuye kwabakhona igebe lapho abasebenzayo bese bephila ngokwehlukile ezinkompolo kunalabo abangomahlalela.

Kubekhona izindawo ezibizwa ngama-beer halls lapho bekuvamise ukugcwala zonke izimambana ezitohozayo ziphuza obusemabhodleleni zibhema nosikilidi okwabe kwehlukanisa phakathi kosebenzayo nongasebenzi.

Ngakolunye uhlangothi omahlalela bona bebesaqhubeka nokuphuza utshwala bezikali obuvutshelwa emakhoneni ngamagogogo futhi bebhema nemboza.

Isiphuzo okuhambe naso sathola indawo bekuwutshwala bokuzakhela obebubizwa ngokuthi-iSkokiane, nabo bungene ngoba omama abebebizwa ngama-shebeen queens bebecabangela labo abasheshe baphelelwe yimali yokuthenga obusebhodleleni ngoba bebumba eqolo bona.

Kulezindawo ezingama-beer halls kugcine sekubakhona abantu abafika ngezikhathi ezithile bezonandisa ngamakhono ehlukene okubalwa kuwo nokucula, ukuqhuba nje usuku kuphuzwa.

Okuye kwabonakala kakhulu ukuthi laba abasebenzayo bebengasakuthokozeli ukuhlezi njalo bebuka amaqembu e-gamboot dance nendlamu ngoba bona bethi basesitayeleni futhi bayasebenza ngako kabanakubeleselwa ngento eyodwa omahlalela.

Kuqale lapho ke ukulokhu kufika igenge edlala umculo ngezinsimbi ezifana nesigingci namacilongo.

Ngokuhamba kwesikhathi kwakheke amaqembu omculo wezinsimbi abelokhu ezonandisa kulezi zindawo ngoba bekutholakala nopenanyana kulabo abashaya ingcwenga. 

Ngenxa yokuthi kulamalokishi bekuhlangene abantu abaqhamuka ezingxenyeni ezahlukene kukhona nabaphuma ngaphandle kwezwe abebeqashwe emafemini nasezimayini.

Nabo laba bagcine sebebamba iqhaza kulamaqembu omculo kwaphetha ngokuthi kubekhona isigqi esihlukile ebesilokhu sizwakala kulamaqembu.

Ukuqubuka kwalengxubevange yomculo kugcine sekuqhamuka isigqi esibizwa nga-Marabi.

Kunokuphikisana ke ngokuqambeka ngaleli gama kwalomculo ngoba kukhona inkolelo ethi ufike nokuqubuka kwalesi sifo ebesihlasela izinja.

Abanye bathi yindlela owawudanselwa ngayo lomculo umuntu edansa sakuqhwishiza sengathi yinja ephethweni yisona isifo samarabi.

Ngokuzayo sizobuka olunye uhlobo lomculo owaduma kakhulu.