EzintshaUmasikandi

Silaxaze isikhundla isikhulu soKhozi FM okuthiwa sidle inyoni engadliwa emculweni kamaskandi

INTATHELI YENGEDE

Ingcindezi yangaphakathi neyangaphandle ngokungezwani kwakhe nomculi kamskandi odumile imehlule uphathi womsakazo uKhozi FM, wathatha isinqumo sokuwalaxaza amatomu.

Izindaba zokushiya emsakazweni isigubhukane kukaNkz Sbongi Ngcobo bese zisabalele maqele wonke okomlilo wequbula.

Ingcindezi kule nkosazane obekunesikhathi eside iqhoqhobele isikhundla sokuphatha kulomsakazo, iqale ngempelasonto ngesikhathi umculi odumile kumaskandi, uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, etshela izwe ukuthi usethathe isinqumo sokungazihlanganisi noKhozi FM ngoba ethi ucindezelwa uNkz Ngcobo.

Kule nkulumo yakhe uKhuzani, ugeqe amagula ebalula nezigameko eziningi lapho ethi ubekhishwa inyumbazane. Lo mculi uthi konke lokhu bekwenzeka ngoba umphathi walomsakazo eselimise ngesihloko elokuthi akafuni nokuyibona into enoKhuzani kulo msakazo.

Echaza kabanzi uKhuzani uthi uqale ukubona ukuthi kunenkinga ekhona ngomculo wakhe nalomsakazo ngonyaka ophelile, waqhubeka wabala nezigameko eziningi ebezenzeka.

UKhuzani uthi kubekhona izigameko lapho izingoma zakhe bezibanjwa ngophondo emsakazweni, kwale noma sezicelwa abantu kubenhlanga zimuka nomoya.

Le nsizwa edabuba eMandaba, eNkandla, ithi kuze kwabakhona neziwombe lapho ibithintwa ngabathile bayitshele kwezikabhoqo ukuthi umphathi wesiteshi akafuni lutho oluhlanganisa igama layo.

UKhuzani uve waveza nokuthi kunensizwa eyagcina isixoshiwe okuthiwa uKing Zoso, exoshwe ngoba kuthiwa ikhulume ngaye emsakazweni incoma imisebenzi yakhe emphakathini.

Uthi bekuthi nasohlelweni uSgiya Ngengoma lapho okusuke kumenywe abahlonishwa abathile ukuba bezoncintisana ngezingoma, kuthi uma becele eyakhe ingoma betshelwe ukuthi kayikho.

Uze wabalula nokuthi njengoba kulolu hlelo kwafakwa umsakazi uKhathide Tshathugondo Ngobe, ukuba azovala isikhala esashiwa uBK Mchunu (ongasekho), sekunesinqumo sokuthi ngeke uTshatha esafakwa ngokugcwele ngoba kuthiwa uzwana nalo mculi.

UKhuzani uthi isinqumo sakhe sokuphumela obala ngalolu daba usithathe ngoba efuna ukukhulula umsakazo kwingcindezi obhekene nayo ngodaba lwakhe.

Uveze nokuthi kuze kube yimanje ingoma ayenza nomculi wezingoma zokholo, uJumbo, ethi noma ungavala, leyo ngoma kayikaze idlalwe emoyeni.

Uqhube wathi isipikili sokugcina kulento sibonakale ngesikhathi umsakazo usumemezela ukuthi sekuyavalwa ukufakwa kwezingoma ezizohlukanisa unyaka, lokhu kumenyezelwa ngoba sekuzwakele ukuthi yena uzokhipha icwecwe elisha ngeviki elizayo.  

Ngemuva kwalenkulumo kaKhuzani kube sekubakhona enkulu inxokozelo ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yabezindaba ehlukene.

Kakugcinanga lapho kodwa kubekhona nabalandeli balomculi abaphumele obala beqhulula intululwane yezinhlamba ebezishiya kubanda umgogodla bezibhekise kuNkz Ngcobo.

Kubekhona nabebemsongela bethi akuyomilatshani lapho beyohlangana nayekhona ngoba uhlukumeza iqhawe labo.

Bebekwenza lokhu yize uKhuzani abadonsa ngendlebe enkulumeni yakhe wabanxusa ukuthi bangalinge bahlasele umsakazo ngesinqumo asithathile.

Kuthiwa ingcindezi abhekane nayo uNkz Ngcobo ukuthi isinqumo esithathwe uKhuzani, ibinkulu kanti ngoMsombuluko kuthiwa ibisilingana nezintaba zoKhahlamba njengoba naseGoli ekomkhulu le SABC ibisizwakele.

Umthombo osondelene nalomsakazo uveze ukuthi enye inkinga azithole ekuyona uNkz Ngcobo ukuthi, uKhuzani akasiye umculi kuphela kodwa ubuye abe ngelinye lamakhasimende amakhulu omsakazo njengoba kukhona izinto azenzayo ezifaka izindodla kulo msakazo.

“Kuyimanje kuyaziwa ukuthi Usabc ubhekene nengwadla yokwentula izimali, manje uma usuxabana nomuntu ofaka ama-million emsakazweni, ucabanga ukuthi abaphathi eGoli bazokubuka kanjani. Yiwona ke ameva azifake kuwo uNkz Ngcobo,” kusho lomthombo.

 Abangaphakathi kulomsakazo bathi vele uNkz Ngcobo ubengeke esadabula ngoba ubesedle inyoni engadliwa.

Kubikwa nokuthi kukhona abanye abasakazi abebegiya ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokushiya kukaNkz Ngcobo ngoba kuthiwa bese kunezinkambi ezimbili ngaphakathi emsakazweni futhi enye yazo ibiholwa nguye. Imizamo yokuthola uNkz Ngcobo ukuthi aphawule kayiphumelelanga.