Usekhuza ibuya umculi obekade egajwe yizinselelo ezinzima nesimo sempilo esingesihle
INTATHELI YENGEDE
Ngemuva kwesikhathi eside ebanjezelwe yizinselelo ebeziphazamisa indlela yakhe kanye nesimo sempilo ebesingesihle, umculi kamaskandi usebuye ngezinkani endimeni.
Bese kuyisikhathi eside lingasezwakali emculweni kamaskandi iphimbo likaSbonani Dladla kangangokuba abanye babezitshela ukuthi lo mculi sewathatha umhlalaphansi.
Le nsizwa edabuka esigodini saseMhlangandlovu, KwaMaphumulo, maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal, isikuphonse ngemuva konke obekuyidonsela emuva.
Abaningi bazoyikhumbula ngesikhathi isayibambile eqenjini elalibizwa ngokuthi AbakwaVezi. Okunye okuqaphelekayo ngomculo wayo ukuthi ingomunye wabaculi abambalwa bakamaskandi abangakholelwa ezingomeni zehhawu emculweni ngoba ithi ziyawubulala umculo.
Kuzozwakala kuyizindaba ezimnandi kubalandeli bomculo wayo ukuzwa ukuthi ngeviki elizayo uzobe usutholakala umculo wayo omusha.
USbonani uqale ukuvela emculweni kamaskandi ngonyaka ka 2010 ngesikhathi kusungulwa AbakwaVezi kanti kuwona lowo nyaka waphinda wakhipha omunye umsebenzi ngaphansi kwegama lakhe.
Izinkinga ezabakhona phakathi kwakhe nenkampani ayesebenza ngaphansi kwayo zaba nesandla ekuphazamisekeni komculo wakhe kwaze kuba useyazimela.
Kuthe ngesikhathi isiqala ukuphakamisa iqembu layo le nsizwa yabe isibhekana nenkinga yokugula okwayithatha iminyaka emithathu izama ukuhlenga impilo yayo.
Manje umfo kaDladla uthi sezedlulile izivuvaba abekade ebhekene nazo ezabambezela kakhulu inqubekela phambili yakhe emculweni.
Uthi sonke lesikhathi kwakungakaze kumfikele ukuthi aphonse ithawula emculweni ngoba kuyinto esekujuleni kwenhliziyo yakhe.
Yize ayekade ebhekene nezinselelo mayelana nokuqhuba owakhe umculo kodwa ubesazinikeza isikhathi sokusiza abanye njengoba kukhona inqwaba yabaculi abasha abaphuma ngaphansi kwakhe.
Le nsizwa ithi ayikhali kakhulu ngesikhathi ebikade ihlezi ingakhiphi ngoba isisebenzisile ukubuyekeza kabusha umculo wayo.
Kulo msebenzi wakhe omusha osihloko sithi: Ihhashi, uSbonani uzibambele yena mathupha kuyona yonke into njengoba nesigingci ezidlalela.
Phambilini wayekade edlalelwa uMnikezwa Ngubane, ayevele esebenza naye nangesikhathi besungula iqembu labaKwaVezi. Okunye okuhlaba umxhwele kulomsebenzi wakhe uSbonani, ubuye wanikeza ithuba intombozane ebingaziwa, uNosipho Mdletshe, waseMtubatuba, eqalayo ukucula umaskandi.
“Engingakusho manje ukuthi ngibuye ngezinkani emculweni futhi ngizokhokhisa isibhongo saleminyaka ebengikade ngingekho.
Kuningi engikushintshile emculweni wami futhi kangingabazi nakancane ukuthi abathandi bomculo bazobhema bakholwe,” kusho uSbonani.
Uthi akasazimisele nakancane ukuvumela izinto ezizomphazamisa ngoba kade ayekhalelwa abantu bemnxenxa ukuba abuye ngoba babezitshela ukuthi usewashiya endimeni.
“Ngangingeke ngiwushiye umculo ngoba kuyinto esekujuleni kwemipilo yami. Yizo nje izinkinga engabhekana nazo ezangiphazamisa, konke lokho sengikudlulisile manje.
Njengoba ngeviki elizayo kuzobe kuphuma lomsebenzi omusha nje, ngizobe sengibuyisa nalo iqembu AbakwaVezi ngoba phela yilona elangivulela indlela ngako ke angikwazi ukuliyeka nje kanjalo,” kusho yena.
Ebuzwa ngokunikeza abantu ithuba emculweni njengoba bebaningi asebaphekile, uthi uyaziqhenya kakhulu ngalokho.
“Kangisiye umuntu onomona, kunalokho ngiyaye ngifise ukulekelela nomunye umuntu ukuba aphumelele.
Buka nje lengane yakwaMdletshe engicula nayo kwenye yezingoma, umuntu oqalayo ukucula kodwa uma ulalele iphimbo lakhe uyezwa ukuthi unalo ikusasa,” usho kanje.
USbonani uthi akufisa kakhulu ukunikezwa ithuba ngabahleli bemicimbi ngokuthi bambize azokhombisa ikhono lakhe. “Ngiyabanxusa abahleli bemicimbi ukuthi nathi basinikeze ithuba bangasivaleli ngaphandle, ukuze sikwazi ukujabulisa abantu.
Baningi kakhulu abantu abahlezi besitshela ukuthi bayafisa ngelinye ilanga ukusibona nathi sikhona kulemicimbi. Ngoba ke nathi asinawo amandla konke kusuke kulele kubona abanikaze bayo imicimbi,” kusho yena.
Kusukela ngoLwesibili wonke umculo wakhe uSbonani uzobe usutholakala kuma digital stores.
Le nsizwa ithi izivulile izandla kwabathanda ukuxhumana nayo ngoba yona iyakwazi ukusebenzisana nabo bonke abantu. USbonani kuyaxhumaneka naye kwinombolo ethi: 082 534 2329

