EzintshaUmasikandi

UKing Nuba ezicathulweni zikaVusi Ximba

YINTATHELI YENGEDE

Ngemuva kokudlula emhlabeni kukaVusi Ximba owayecula umaskandi odle ngamancoko abebashiya bephelile yinsini abathandi bomculo, kwabe sekubhekwa uMfu Makitaza Zondi ukuba aqhubeke nalokhu kodwa kwahamba isikhathi waphelela endleleni. 

Nokho baningi abaculi abazamile ukungena ezicathulweni zikaVusi Ximba kodwa nabo bangaqhubekeli phambili. 

Kwakukhona iqembu ebelaziwa ngokuthi Abafana boMkhalambazo ababewushaya loshuni kaXimba kodwa lelo qembu lashabalala. 

Kwaphinde kwavela uNtshebe naye owathi ukuyibamba endimeni eqhulula awakhe amahlaya naye ngokuhamba kwesikhathi wacwila. 

Kuleminyaka eyedlule emculweni kamaskandi ubengasekho odidiyela amancoko emculweni ngoba kudlisa uhlobo oluthile lukashuni. 

Nokho eminyakeni emibili edlule kubonakale kuvela insizwa eyaziwa ngoKing Nuba, le nsizwa idume kakhulu ngawo amancoko kanti nayo isizijwibile emculweni kamanskandi njengoba iqhulula amanoni ahlekisayo.  

Kuyiqiniso ukuthi iziphiwo zabantu kazefani futhi kuyenzeka umuntu abeneziphiwo ezahlukahlukene ezimsebenzelayo empilweni. 

Le nsizwa enguNdabezinhle Yamkela Nuba,  idabuka endaweni yaseMatsheni, eMzimkhulu kanti isizakhele ugazi nodumo kubantu abaningi ngezinto ezenzayo ezibashiya bephelile yinsini. 

Ngakolunye uhlangothi leli ciko libuye futhi liqophe izingoma zikamskandi ezihamba ngawo ushuni wamahlaya. 

Okuqaphelekayo ngo King Nuba ukuthi unabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana lokho osekumenze waba yiciko elaziwa kakhulu ezweni lonke laseNingizimu Afrika. 

Nabangenandaba nomculo wakhe kodwa bayayazi imigilingwane ayigilayo ehlekisa abantu. 

UKing Nuba uthi umshini wakhe wokuqala wokuqopha wawuthenga ngemali yakwa Nsfas ngesikhathi esafunda eWalter Sisulu University, e-Eastern Cape. 

Le nsizwa isibalwa njengomunye wabantu ababizwa ngama influncers adumile kuleli, lokho sekumenze wangaconsa phansi nasezinkampanini ezidinga abantu abazozimakethela imikhiqizo yazo eyahlukene. 

Uke wamangaza abaningi ngesikhathi negama lakhe livela ohlwini lwabaculi abebevotelwa emcintiswaneni womaskandi iMother of all Maskandi Festival kodwa wehluleka ekugcineni ukungena kwi top 30 eyayibhekwe ngabomvu. 

UKing Nuba sekukhona nezinye izinsizwa aziqeqeshayo ukungena kulo mkhakha wakhe. 

Kakwaziwa ke noma uzokwazi yini ukungena khaxa ezicathulweni zikaVusi Ximba umfo kaNuba.