Umhlonyane wenzelwa intombi eqeda ukuthomba
NguNOKUTHOKOZA MATHONSI
UMHLONYANE wenzelwa intombazane eqeda ukuthomba (ukungena esikhathini), yenzelwa nguyise.
Inhloso yalokho wukuyingenisa ngokosiko esigabeni esisha, sokukhula iyalwe ngunina ngokuziphatha kahle.
Ngesikhathi ke unina eyiyala usuke ebambisana nabanye omakoti okungaba abakulelo khaya noma kube ngabakomakhelwane bakulowo muzi beyihlomisa ngezinto engase ibhekane nazo ngesikhathi ikhula, iphinde yaziswe futhi ukuthi kudlulwa kanjan kuzona.
Emandulo, bekuye kuthi uma intombazane ivuka ekuseni isithombile ibikele unina bese yena (unina) edlulisela udaba kuyise wayo, ngalokho ke iyibe isingeniswa endlini yangenhla ngokosiko (kubikwe kwabadala ngosekwenzekile).
Lokho kuhlaliswa kwayo ingasaphumi kubizwa ngokugoqa, kwakhiwa isiheqo ihlale ngaphansi kwaso ingabe isabonwa ngabafana noma ngabe ngabafowabo.
Ngaphambi kokuba igonqe phansi kwesihenqo ugogo wayo ube ke eseyibhixa ngebomvu umzimba wonke kanti ayibe isagqoka iyaqimba kwesingenhla ibhince nje umsweswana othile kwesingezansi.
Kuye kube sekufika ontanga bayo bezoyihlalisa kuthi njalo ngokuhlwa kufundelwe, kuculwe amaculo okusina ingoma, kulungiselelwa usuku olukhulu lwamhla iphuma endlini.
Ngenxa yokuthi isuke igonqile ngisho idinga ukuya endlini encane izimboza ngengubo ukuze ingabonwa muntu phandle ukuthi inhloboni njengoba ikulesi simo nje.
Kuba yizinsukwana ezimbalwa ukugonqela isimo sokuhlonyiswa noma umhlonyane.
Ngaso lesi sikhathi isagonqile isuke igeza ngomhlonyane (umuthi) iphinde iwuphuze ngenxa yokukholelwa ekutheni uyayihlanza futhi uyivikele naseziwongowongweni zezwe nokwenza ukuthi kwawona lo mcimbi ubizwe ngaleli gama.
Kuthi mhla kufika usuku lokuphuma endlini kuvalelwe (kusinwe noma kufundelwe kuze kuse) bese kuthi ngokusa izintombi kanye naye obegonqile banikele emfuleni beyogeza.
Kuthi lapho sekubuywa uyise ebe eselinde ngembuzi ezohlatshwa esangweni.
Ngesikhathi ihlatshwa zona zisuke zicula zisina. Kuthi kungakhishwa inyongo kuleyo mbuzi bese uyise eyiqhasa ekhanda ayinike nomkhonto.
Emva kwalokho zibe seziyolindela ngaphandle kuthi ngokuphakama kwelanga zibuye ekhaya ingeniswe endlini yangenhla ubaba wayo ayifake isiphandla bese kuqala umcimbi ke sekukhona nezibukeli.
Izintombi ezisinela umhlonyane zisuke zibhinciswe omamndindi noma iziketi ezincanyana zingafaki lutho kwesingenhla, umhlonyane usinelwa egcekeni akuyiwa esigcawini, abasuke bezobukela nabo bachoma imali ekhanda lalowo ohlonyiswayo nakwimpelesi yakhe.

