EzintshaUmasikandi

Likhuza ibuya iqembu lezinkakha zikaMaskandi 

NGUNGO’BOMNYAMA

Izinkakha ezindala kakhulu emculweni kamaskandi sezithathe isinqumo sokuthintitha izigingci zazo bese zibuyise iqembu lazo obesekuphele iminyaka lagcina ukukhipha ingoma.

Iqembu Ubuhle Bezwe, bese lishabalele emculweni njengoba abaholi balo bebelokhu begxile emisebenzini yabo ngokwehlukana. 

Leli qembu lasungulwa nguPhuzekhemisi Kanye noNkunzemdaka, owaziwa njengomongameli wabaculi bakamaskandi esifundazweni sase-Eastern Cape. 

Ngeledlule kuqhilike izihlathi ngesikhathi kuputshuka izindaba zokuthi lezinkakha sezinqumile ukubuyela studio ngenhloso yokubuyisa leli qembu. 

Ngesikhathi ligcina ukuzwakala lase likhiphe amacwecwe amathathu kanti lalingaconsi kubalandeli bomculo. 

Nokho ukushabalala kwalo emehlweni abathandi bomculo kwadumaza abaningi ababezifela ngomculo walezinsizwa ezishaya isigingci esinenkosi phakathi.

Akekho owayazi isizathu esadala ukuthi leli qembu lingasaqhubeki nokukhipha umculo, kodwa ababeseduze nalo ngaleyo minyaka bakuveza ukuthi izinkampani zabo labaculi zaba nawo umthelela wokushabalala kwalo iqembu. 

Ngaleso sikhathi uPhuzekhemisi wayeqopha ngaphansi kwesikhondlakhondla senkampani iGallo kanti yena uNkunzemdaka wayengaphansi kwe-Universal. 

Ukuhlangana kwabo laba baculi kuthiwa kwakunganambithisiseki kahle phakathi kwezikhulu zezinkampani, sekuvuke isikhwele ngoba kubonakala ukuthi iqembu Ubuhle Bezwe sengathi liyathandwa kakhulu, ngalokho zazibona ukuthi kungase kuphazamise imisebenzi yabaculi ngokuzimela. 

Inhloso yokusungulwa kwaleli qembu kwabe kuwukuhlanganisa izizwe njengoba kwasekukhona inhlansi yokungahoshelani kahle okwabe kudalwe yizimo zepolitiki. 

Ngeledlule ekhuluma noGudlabatshakazi, kuMhlobo Wenene FM, uPhuzekhemisi udalule imfihlo ebingaziwa yokuthi iqembu labo noNkunzemdaka lizokhuza ibuye. 

“Maduze sizongena studio sinoNkunzi siyoqopha Ubuhle Bezwe. Kade abantu besikhalela ngaleli qembu ukuthi silibuyise futhi nathi sesibonile ukuthi isikhathi sesifikile ukuthi silibuyize njengoba kungensuku zatshwala abantu bazozwa,” kusho uPhuzekhemimi kuMhlobo Wenene FM. 

Ukuvela kwalezindaba kubajabulise kakhulu abathandi bomculo ngoba nasezinkundleni abaningi bathi kabasakwazi ukulinda. 

Ekhuluma nephephandaba INGEDE, uNkunzemdaka naye ukuqinisekisile ukuthi nangempela bazobuyela studio. 

Uveze ukuthi sekunesikhathi bekhuluma noPhuzekhemisi ngokubuyisa leliqembu labo. 

“Kwamina ngijabule kakhulu ngoba umsebenzi waleli qembu namanje usekhona wokuthi sihlanganise abantu abamnyama ngento enhle. 

“Kuzosinika nethuba lokufundisa abantu abasha ukuthi uma kukhulunywa ngomculo kamaskandi kusuke kukhulunywa ngento enjani nokubaluleka kokudlalwa kwesigingci kulomkhakha. 

“Mina bengivele ngifundisa sona isigingci eRhodes University, noma ngingafundanga kodwa bekuyigugu kimi ukuma phambi kwezifundiswa name ngedlulise olwami ulwazi. 

“Ngiyabethembisa ke abalandeli ukuthi bazozwa into esezingeni ngoba phela ukudlala intambo kufana nento ewukudla kithina kasiyifuniseli. 

“Phela besingakawuthathi nomhlalaphansi emculweni noma nje mina bese nginesikhathi eside ngingakhiphi ngenxa yezinkinga zokuvalwe kwezinkampani zomculo,” kuphetha uNkunzemdaka.