Usuphenduke inyama kubaculi ushuni obungafunwa
NGUNGOBOMNYAMA
Kwasala kancane ukuthi athathe isinqumo sokuwuyeka umculo ngenxa yokugxekwa nokuhlaselwa kwendlela acula ngayo kodwa namuhla ushini wakhe usuphenduke inyama kubaculi abaningi.
Namanje kusammangaza uLuve Dubazana ukuthi ushuni afika nawo emculweni usuphenduke intandokazi ekubeni wawungafunwa muntu.
Le nsizwa edabuka eNdlungwane, oLundi, enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natal yaqhamuka nendlela eyahlukile yokucula.
Umfo kaDubazane ufike ngo-2007 emculweni kodwa egidela uThokozani Langa, kwaze kwaba ukusuka kwakhe emakhaya ezozinza eThekwini.
Esefikile khona wazihlanganisa neqembu likaGadla Nxumalo ongomunye wabaculi abaziwa kakhulu endimeni.
Nakhona ubemandla kakhulu ekugideni kodwa abuye abambe iqhaza kuma backings.
Le nsizwa iqhamuka emndenini wengoma njengoba uyise uSenior Dubazane wayeyigoso elaziwayo endaweni yasoLundi.
Naye uLuve uthole ithuba lokuzimbandakanya nengoma esamncane njengoba kwakuneqembu elincane elaliphakela amagoso amadala.
Kulelo qembu waqokwa waba yigoso naye ngenxa yekhono ayenalo njengoba nasesikoleni wayebuye acule isicathamiya.
Kwakuthi uma leli qembu lenkulisa lidlala kuzwakala abadala behaya lensizwa bethi “six to six safa yi overtime”.
Ngokuhamba kwesikhathi wabe esekhushulelwa esigabeni esingenhla ngoba sekuzwakala ukuthi usevuthiwe.
Uma echaza uthi wayengakaze azitshele ukuthi ngelinye ilanga uyoba umculi kamaskandi ngenxa yokuthi wayezithandela umculo wokholo nayo ke ingoma yasemakhaya.
Uthi ukucula waqeqeshwa kakhulu ngoyise ngoba njengoba babeyibambe engomeni yamagoso.
Uthi uthando lomculo kamaskandi lube seluchuma kakhulu ngesikhathi esebenza noGadla Nxumalo.
Ngokuhamba kwesikhathi wafuna nokunye okuningi okumayelana nawo umculo njengoba wagcina esewu producer.
“Kunabaculi abaningi abakhipha izingoma ezingama hits ezifike zadla abantu ezidlule ezandleni zami njengo producer.
“Ngibe sengigqama kakhulu ngesikhathi sengisebenza noQhoshangokwenzakwakhe, okwaba nguye owangifaka olukhulu ugqozi ukuthi nami izwi lami lizwakale ezingomeni.
“Indlela engicula ngayo ifike yehluka kakhulu kunendlela abaculi abebefike becule ngayo,” kusho yena.
Uthi ngesikhathi efika nalesi sitayela sakhe kube kuningi kakhulu ukugxekwa akuthola ikakhulukazi kulaba abahlezi behlaziya ezinkundleni zokuxhumana.
“Kwake kwangifikela ukuthi kungcono ngivele ngishiye phansi umculo kamaskandi ngendlela engangihlaselwa ngayo ngigxekwa.
“Ngiwumuntu ozwelayo kakhulu ngabona ukuthi lokhu engikwenzayo akwamukeleki.
“Kodwa uQhosha obelokhu engigqugquzela ethi yena uyayithanda lendlela engicula ngayo futhi mangiqhubeke ngingalokhu nginaka abantu abangigxekayo.
“Nangempela ke ngibe nesibindi ngaqhubeka,” kuchaza uDubazane.
Uthi lo shuni wakhe ube usungena ngamandla kubantu ngesikhathi eseshaya izingoma noKhuzani Mpungose.
“Ngeke ngikufihle ukuthi izingoma esizishaye noKhuzani zifike zangena ngempela kubantu ngaqala nami ukubona sekukhona ababuzanayo ukuthi ubani lomuntu oqhamuka nokwehlukile kulezingoma.
“Ngesikhathi sesikhipha ingoma kaKhuzani ethi Ijele loshuni wami ubusugeleza kakhulu,” kubeka yena.
Kuyimanje baningi kakhulu abaculi abadlala loshuni ezingomeni zabo kanti uthi abanye bayeza kuye bezomcela ukuthi abambe iqhaza ezingomeni zabo.
“Kuyangijabulisa namuhla ukuzwa bonke abaculi sebe “Luveza” manje ezingomeni zabo.
“Kuyasho ukuthi sonke uNkulunkulu kunezinto asibekele zona ezahlukene kunezabantu abantu.
“Okwenzekayo kuyangijabulisa kakhulu ngoba nami emlandweni kuyovela ukuthi kukhona engaqhamuka nako abantu bakuthanda.
“Anginankinga ukuzwa sekunabaculi abangilingisayo ngoba lokho kukhomba ukuthi lokhu okwakungafunwa namuhla bonke abantu sebeyakwamukela,” kuphetha uDubazana.

