EzintshaUmasikandi

Kulithathe iminyaka engaphezu kweyishumi iqembu Amagilija ukuvelela endimeni yomculo

INTATHELI YENGEDE

Kulithathe ngaphezu kweminyaka eyishumi ukuthi livelele futhi laziwe ngabalandeli bomculo wesiNtu iqembu Amagilija.

Yize leli qembu elidabuka eMthonjaneni enyakatho yesifudazwe iKwaZulu-Natal lingakadumi kakhulu kodwa abathandi bomculo kamaskandi sebeqalile ukulilandela njengoba eminye yemisebenzi yalo isabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Leli qembu lisungulwe ngo 2009 kodwa kulithathe iminyaka lizama izindlela zokuvela emculweni kodwa ingekho indlela.

USanele Nhleko okunguyena ozihola phambili kuleli qembu, uthi kuleminyaka bebelokhu bezimisele ngokufunda okuningi endimeni yomculo.

Le nsizwa ithi abazisoli nakancane ngokuthi kuthathe isikhathi eside kangaka ngaphambi kokuba iqembu livele kubantu.

Uthi sebeyabazi manje ubunzima obukhona kulomculo ngenxa yokubaningi kwamaqembu endimeni.

Izinsizwa eziningi ezikuleli qembu ziqhamuka esibongweni esisodwa sakwaNhleko futhi zikhule ndawonye emakhaya zigida ingoma.

Ukuhlabana kwazo emicimbini yasemakhaya lapho obekugidwa khona ingoma kwenza ukuthi zibe nethemba lokuthi zizokwazi ukusheshe zivelele emculweni kepha kakubanga njalo.

USanele uthi kuleminyaka iqembu belikhona lidlala emicimbini yasemakhaya kanti belilokhu lilandelela lizihlela lona.

“Obekusikhuthaza kakhulu ukuthola izingcingo ebeziqhamuka kubahleli bemicimbi abehlukene besimema ukuba sizonandisa emicimbini yabo.

Lokhu bekusiqinisa idolo futhi kusikhombisa ngokusobala ukuthi kukhona esinakho abantu abakubonayo kuleli qembu,” kusho yena.

Uthi ngesikhathi befika emculweni kuningi kakhulu ababengakwazi okuthe ngokuhamba kwesikhathi bathola ukuthi kunezinto ebezibavimba ukuba bangaqhubekeli phambini ngoba babekade beqhamuka nje ekugideni ingoma emakhaya.

Uthi ukubekezela yikho okunye okubasize kakhulu njengoba manje izinto seziqala ukubakhanyela emculweni.

“Ngesikhathi senza ama single tracks sithole kakhulu izingcingo ebeziqhamuka kubantu abehlukene becela ukuba sibenzele i-album ephelele ngoba bethi bayayithanda indlela esicula ngayo.

Kuyimanje sikhiphe umsebenzi omusha ngenxa yengcindezi ebiqhamuka kubantu befuna umsebenzi wethu,” usho kanje.

Leli qembu lithi lifuna ukuphakamisa kakhulu igama lendawo eliqhamuka kuyo ngoba kuyilapho elathola kakhulu ukwesekwa okukhulu kuleminyaka likhona.

“Namanje kasikazi ukuthi sizobabonga kanjani abantu abebeseseka kuleminyaka.

Yize singakaphumeleli kodwa esikubona kwenzeka ngomculo wethu kukhombisa ukuthi kukhulu esisazokwenza endimeni,” kusho yena.

Lo msebenzi omusha waleli qembu osihloko sithi Wobekezela kuwumlayezo wendlela leli qembu eseliyihambile ukuze lifinyelele lapho eselikhona.

Miningi imicimbi leli qembu eselike labonakala kuyo okubalwa nemicimbi emikhulu okusuke kuboshelwe kuyo izinkunzi emculweni kamaskandi.