Umculi kamaskandi odumile ushaywe kanzima umphakathi washiywa umndondo
INTATHELI YENGEDE
Kushayisana imibono nokukhuluma kubathandi nakubalandeli bomculo kamaskandi ngesigameko sokushaywa komculi umphakathi washiywa umndondo.
Kuyimanje kubikwa ukuthi sibi kakhulu isimo esibhedlela eGoli, kuBonginkosi Mhlongo, odume kakhulu ngoBobo uMfana wepiki, endimeni yomculo.
Izindaba zokushaywa kukaBobo bezithe chithisaka ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuvezwa kwezithombe zakhe elele ethe tshaa kanti ebusweni ubemabokoboko, kanti eduze kwakhe kukhona izimbokodo zamatshe abekhandwa ngazo.
Le nsizwa iyaziwa kakhulu emculweni njengoba yazakhela udumo ngesikhathi isagida emaqenjini kaMgqumeni “iBhova likaDikadika” Khumalo.
Phela yiyo le nsizwa eyayivamise ukubonakala igida iphethe ipiki kuma dvd ezingoma zikaMgqumeni.
Naye ke uBobo ungomunye wamagidangoma kaMgqumeni athatha isinqumo sokuzimela emculweni ngemuva kokwedlula kwalo iBhova.
Muva nje ubesanda nokusungula elinye iqembu lomculo elisha. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uBobo wasinda sekuvalwe amehlo edutshuliwe wahlala isikhathi esibhedlela kangangokuba akakwazanga nokuyihambela eminye imicimbi ayekade eqashwe kuyo ngaleso sikhathi.
Nokho leso sigameko sokudutshulwa kwakhe sagcina singalandelelwanga kakhulu emithonjeni yezindaba kwaze kuba ukuthi useyaphuma esibhedlela lo mculi.
Kulesi sigameko sokushaywa kwakhe umphakathi waseKagiso, eKrugersdorp, nakhona kuningi ukukhuluma kwabaculi nabalandeli mayelana nezizathu zokulinyazwa kwakhe.
Okugqama kakhulu kodwa kuthiwa uthelekelwe umphakathi nje ngemuva kokuhlatshwa komkhosi ngoba kuthiwa uBobo ubefuna ukuntshontsha ingane.
Ngaleso sikhathi ubehamba nomunye umngane wakhe yena okuthiwa ukwazile ukuphulukundlela wabaleka.
Abalwazi kahle lolu daba bathi indaba yakhe uBobo kayibange isakhulumeka kahle kulandela ukukhipha kwakhe isibhamu ngesikhathi umphakathi umxina.
Kuthiwa udubule emoyeni amahlandla obekuyindlela abezama ngayo ukuhlakaza isixuku ebesiza kuye.
Nokho kuthiwa lokho akumsizanga ngoba amalungu omphakathi avele aqonda kuye amthelekela, okuyilapho ke axovwe khona, esekhandwa nangamatshe.
Kuthiwa ngesikhathi umphakathi usuqedile ngaye ubengasakwazi nokunyakaza eselele nhlabathini kubonakala ukuthi kusengenzeka noma yini kuye.
Kuthiwa kubekhona abakwazile ukuthinta abomthetho kanye nabezimo eziphuthumayo, kwaze kuba ukuthi useyathathwa uphuthunyiswa esibhedlela.
Ngesikhathi eshawa umphakathi, kuthiwa abanye bebethatha izithombe nama video besebenzisa omakhalekhukhwini babo. Yizo lezo zithombe esezigcwele ezinhlakeni zezokuxhumana.

Kuthiwa amalungu omphakathi abekhuluma ethi asekhathele wona ukunyamalala kwezingane zawo endaweni zigcine sezitholakala sezibulewe kokunye zitholakale zicwiyiwe.
Lezi zinsolo kuthiwa yizo ezenze abomphakathi baphuma ngobuningi ukuzoshaya uBobo ngoba kukhona abasabalalisa indaba yokuthi uyingxenye yabantu abathintekayo ezigamekweni zokuntshontshwa kwezingane.
Nokho kayiphumelelanga imizamo yokuthola okuqondile mayelana nesizathu sokulinyazwa kwakhe lomculi.
Zona izithombe zakhe ezisabalele zisiveza kahle isimo sokulinyazwa kwakhe njengoba bebebaningi abantu abebemthelekela.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mculi ubesanda kubonakala kuma podcast ekhuluma ethi yena uyazi ukuthi emculweni kamaskandi uvalelwa uKhuzani.
Kulawo mapodcast ukhulume waze wathi usebona kungcono ukuthi kungenwe ehlathini ngalolu daba ngoba yena akesabi muntu. Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi ukhona umuntu wesilisa oshawe umphakathi kodwa athi bekungakaboshwa muntu njengoba kusenziwa uphenyo ngalesi sigameko. Amaphoyisa aphinde awugxeka kakhulu umphakathi ngokuzithathela umthetho ezandleni.

