Imvelaphi kaMaskandi nokwehluka kwawo kweminye imiculo
Ziningi izinto ezenza ukuthi umculo kamaskandi wehluke kakhulu kuneminye futhi eyenza uhehe kakhulu.
UNGOBOMNYAMA uhlaziya imvelapho yomculo kamaskandi kanye nezinto eziwumgogodla wawo lomculo njengoba sekuvunyiwe ukuthi luhlobo lomculo oseluhamba phambili kakhulu kuleli.
IGAMA lomculo wesintu obizwa ngokuthi uMaskandi lithathwe kulimi oludala olwalusetshenziswa abamhlophe abangamaDutch ngokunjalo nababekhuluma ulimi lwesiBhunu kuleli.
Lolu hlobo lomculo lithole leli gama ngoba lalingekho igama elisetshenziswayo ukuwuchaza ukuze uhlukaniseke kwezinye izinhlobo zomculo owawungenisile kubanatu abamnyama kuleli.
Lo mculo udabuka kakhulu ezindaweni zasemakhaya njengoba uqalwe yizinsizwa ebezihamba amabanga amade ziyokweshela izintombi kwezinye izindawo.
Bekusetshenziswa izinsimbi ezahlukene ukudlala lo mculo njengoba abanye babe dlala uhlobo lwezinsimbi olubizwa ngabadloko.
Ekuhambeni kwesikhathi kubekhona abadlala izinsimbi ezifana nemfiliji noMtshingo. Ngasekupheleni kweminyaka yabo 1960 izinsizwa zisebenzise ubuchule bokusebenzisa izindla ngokuthi zizakhele isigingci ngokuthi zisebenzise u5 litre wethini lamafutha okwabe lakhiwe ngokhethe ngalezo zikhathi, bese zixhuma izintambo kulo leli thini.
Le ndlela yokwakha isigingci ibe nedumela elikhulu ezindaweni zasemakhaya njengoba nezinsizwa beziqhamuka nezingigci zazo ezihlotshiswe ngezindlela ekhangayo.
- IZINGOMA
Ngokuhamba kwesikhathi kuphinde kwagqama ikhono lokuhlanganisa ingoma bese uma iculwa ihambisane nomsindo wesigingci sokuzakhela ngaleyo ndlela kuphume ulozolo lwento.
Bekwenzeka insizwa iqhamuke icula ngentombi yakwesinye isigodi eyeshelayo. Noma kuqhamuke enye igcwele injabulo ngoba isanda kuqonywa bese icula ngakho lokho.
Abaculi bakamaskandi bebecula noma kungani eyenzeka phambi kwabo, bekungakhathaleki noma ngabe yinto eyihlazo noma ehlekisayo beziqopha nje ingoma ngaleso sigameko.
Ngeminyaka yobo 1970 izinsizwa ebesezisebenza bezikwazi ukuzithengela izigcinci ngemadlana ebeziyithola ematohweni eziwenzayo.
Kuhambe isikhathi lolu hlobo lomculo lathandwa kakhulu ngabantu njengoba bekuthi uma kukhona imicimbi bemenywe abanye bezonandisa ngazo lezigingci.
Umculo kaMaskandi uhambe wehlukana ngokwezindawo izinsizwe ebeziqhamuka kuzona.
Kube sekugqama indlela yokudlala okuthiwa isiZulu, kwalandela uShameni, kwaba uMzansi, kwangena isiBhaca kamuva kwangena isiMpondo.
- IZINSIMBI EZISEMQOKA KUMASKANDI
Emculweni kaMaskandi kuyaziwa ukuthi kukhona izinsimbi eseziwumgogodla wawo lo mculo okungafanele nangengozi zingabikhona uma umuntu eqopha.
Insimbi ehamba phambili kuMaskandi isigingci, kube inkostina (sekukhona nabavala isikhala sayo nge violin), uBass guitor.
Kamuva kube sekungena ne keyboard esingenye yezinsimbi ezisetshenziswa kakhulu.
Phambilini yayikade ingesiyo ingxenye yalo mculo.
- IZIBONGO
Kulo mculo kaMaskandi kubalulekile ukuthi insizwa noma intokazi ingazishiyi ngaphandle izibongo zayo ezingomezi zayo.
Phela izibongo zisuke zichaza ngemvelaphi yakhe umculi kanti zichaza kanye nezigameko adlule kuzona ngaphambi kokuba aze afinyelele ekubeni ngumculi.
Ezibongweni labo abalalele baze bethole nethuba lokuzwa ukuthi lowo mculi uzalwa ngubani futhi ukhule kanjani.
Izibongo ziyingxenye ebaluleke kakhulu kulolu hlobo lo mculo ngoba abanye baze bakusho ukuthi ziyefana nse nekhelo lomculi.
Uma zingekho izibongo lowo mculo kusuke kungesiwo umaskandi kodwa kuba umgxobanyawo noma umbhaqanga okuwuhlobo olwehlukile lo mculo wesintu ongadingi izibongo uma uculwa.
- IZIHLABO
Bonke abaculi bakaMaskandi banendlela yabo abaqala ngayo izingoma, eyenza ukuthi bekuhle kakhulu kunabanye.
Le ndlela iqala ngesiginci kanti ibizwa ngokuthi izihlabo. Ukubakhona kwayo kwenza kubelula ukuhlukanisa abaculi noma amazwi abo umuntu engekaculi.
Phambilini abawaziyo nabawulandelayo lo mculo kakudingi ukuze batshelwe ukuthi yingoma kabana ezodlala ngoba izihlabo bezisuke seziyixoxe yonke indaba.
Ukuzwakala kwezihlabo kwenza nolalele azi ukuthi lowo mculi kungabe uqhamuka kuluphi uhlangothi.
Njengoba sekwabakhona nezingoma ezibizwa ngokuthi ezokubhula ihhawu, imvamisa lezo zingoma izihlabo zakhona uma iqala ziyaye zifake nempempe noma icilongo okungezinye zezinto ezazisebenziswa uma kuphakwa impi ezindaweni zasemakhaya.
Engomeni yothando ngeke nangengozi uzwe kukhala impempe ngoba kuyaziwa ukuthi kakuhambisani.

