OwaseMelika uzimisele ukugcina umlando kaJoseph Shabalala weMambazo ngokusiza abahluphekayo
NGOBOMNYAMA
Usomabhizinisi wase- United States of America (USA), uzimisele futhi uzibophezele ukwenza nanoma yini ukugcina umlando nezifiso zomsunguli weqembu lomculo wesicathamiya, uDkt Joseph Shabalala, weLadsymith Black Mambazo, ongasekho emhlabeni.
Injabulo ibichichima ebusweni kubazali bezingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi, Itshelihle Primary School, eClermont, entshonalanga yedolobha laseThekwini, ngesikhathi benikezwa uxhaso lwemali yokufundisa nokunakekela izingane zabo.
Ukufika kukaMnu Standley Brady, owummeli nosomabhizinisi ohlonishwayo ngokusiza kakhulu abantu abantulayo, kube yinjabulo enkulu kubazali.
Sekuphele iminyaka engaphezulu kwengamashumi amabili uMnu Brady, azihlanganisa noDkt Shabalala weMambazo.
Kwaba ukuhlangana kwabo eminyakeni eminingi eyedlule kwenye yamakhonsathi iMambazo eyayizocula kuwo phesheya.
Ukuhlangana kwabo kwaba ukwakheka kobuhlobo obuhle, okuyilapho uMshengu anxenxa losomabhizinisi ukuthi akeze eNingizimu Afrika.
Sekungumlando ke ukuthi wagcina efikile kuleli wase ezibonela nesimo sobubha eminye imindeni ephila ngaphansi kwaso.
Kuyilapho ke uMnu Brady atshela khona uMshengu ukuthi akubonile akumjabulisanga ngakho ke uzobuyela emuva ayoqala izinhlelo zokusiza abaswele ikakhulukazi elokishini lase Clermont.
Kwabe sekuwukuqala kobudlelwane phakathi kwalosomabhizinisi kanye nomphakathi wesikole Itshelihle Primary.
Ube esezibophezela ekutakuleni izingane eziswele ngokuthi azikhokhele imali yokufunda kanye nezinye izidingo.

Konke lokhu uMnu Brady ukwenza ngokubambisana nabanye abahlobo bakhe abaseMelika.
Nomphakathi wakulendawo kawusalanga ngaphandle njengoba ngempelasonto ubewenzele idili lomcimbi kukhishwa nezipho.
Selokhu adlula emhlabeni uDkt Shabalala, kube yindodana yakhe uMsizi Shabalala elekelela ngezinye zezinhlelo zokusizwa kwezingane nomphakathi.
Nangesikhathi abazali begixatshezwa ngezinali zokusiza izingane naye uMsizi, ocula kulona iqembu iMambazo ubekhona.
Ngesikhathi ekhuluma nephephandaba Ingede, uMnu Brady, uthi yena uzimisele ukwenza noma yini ukugcina umlando kaDkt Shabalala ukhona emehlweni abantu.
Uthi ukwenza lokhu ngoba nguye uMshengu owatshala uthando lokusiza abantu abanganakiwe.
“Kwaba uJoseph Shabalala owangiphonsela inselelo wathi mangibuye ngize e-Afrika ngizozibonela ukuthi abantu baphila kanjani.
Nguye owathi mangenze noma yini ukusiza abantu abaxakekile ikakhulukazi izingane eziswele,” kuchaza yena.
Uthi noma lomsunguli weqembu iMambazo asadlula emhlabeni kodwa lokho akumqedanga amandla.
“Kuningi esengikwenzile ngisiza izingane ngoba uShabalala wangipha izifundo engangingazazi ngempilo, wangeza ngakuqonda kahle ukubaluleka kokwelula isindla kulabo abadingayo.
Konke engikwenzayo ngikwenza ngegama lakhe uShabalala ngoba naphesheya kwezilwandle uma ngikhuluma nabanye ozakwethu, uma ngibatshela ukuthi lokhu engikwenzayo kuwukufeza amaphupho kaShabalala, basukumela phezulu,” usho kanje.
Nokho akakufihlanga ukuthi kukhulu asakwenza kodwa inkinga kuvimba imigoqwana yemithetho kahulumeni wakuleli.
“Uyabona nje kunenqwaba yezingubo nama khompyutha agcwele kwi warehouse yami eMelika kodwa angikwazi ukukuletha kuleli ngoba kunemithetho eminingi evimbayo ukuthi kwenzeke.
Kukhona nenqwaba yabanye abafisayo ukunikela kodwa ngenxa yayo lemigoqwana bagcina sebephelelwa umdlandla,” kusho yena.
Uqhube wathi noma kungelula kodwa kuyoze kulamule igodi yena esaqhubeka nokwenza lomsebenzi wokusiza izingane ngoba ekugcineni konke yena anakho ukuphiwa wuNkulunkulu ngakho ke ukwelula isandla kuyindlela naye abonga ngayo.
“Ngiyafisa izikhulu kanye nabaphathi bezwe bangakubona lokhu esikwenzayo ngoba sisafuna ukwenza okukhulu.
Singakuthokozela kakhulu ukusebenza ngokubambisana nabo, uma nje kusizwa abantu nezingane ezidingayo,” kusho uMnu Brady.
Naye uMsizi Shabalala ukuncomile kakhulu ukuziphophezela komhlobo kayise ngalendlela, nokungapheli amandla.
Nabazali bezingane bebengawuvali umlomo yinjabulo bekusho ukuthi bayomkhohlwa befile uMnu Brady ngemisebenzi emihle abenzela yona yokubethula umthwalo emahlombe.


