EzintshaUmasikandi

Sezihubela sakusha ngokubuya kweqembu lama SAP aholwa ngu Ali Mgube noCelazimnike

INTATHELI YENGEDE

Kubukeka bezosina bezibethela ngoZibandlela abalandeli nabathandi bomculo weqembu ama-SAP njengoba isivuthiwe indlela ebheke studio ezinsizweni ezasungula leli qembu.

Sekusele kancane ukuthi kuphothulwe konke phakathi kuka Ali Mgube noCelazimnike Mtshali njengoba lezi zinsizwa ekuqaleni kwalonyaka zithathe isinqumo sokubuyisana.

Asebenesikhathi eside belandela umculo bazokhumbula ukuthi iqembu ama-SAP lalishisa izikhotha ngesikhathi lezi zinsizwa zazisayibambe ndawonye.

Amanoni ayebuzwa kulona leli qembu kanti nabalandeli abaningi basondela emculweni ngenxa yokuhehwa zingoma ezaziqhululwa yilo leli qembu.

Kepha ke izinto zibe sezishintsha ngesikhathi sekukhona ukwehlukana phakathi kwalezi zinsizwa kanti nomgqigqo walo iqembu kawubange usafana nasekuqaleni.

Ngokunjalo nesigqi sibe nokushintsha okuncane ngoba sekubonakala ukuthi iqembu bese lingasahlangene.

Ekhuluma neNGEDE uCelazimnike obezwakala echichima yinjabulo uthi okuningi sebekuxoxile noMgube kusele nje ukuthi bavumelane ngokuncane okusasele.

Le nsizwa edabuka endaweni yakwaMajozi, eMsinga, maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal, ithi abalandeli bazobhema bakholwe ngoba bazowubuyisa njengoba unjalo ushini weqembu ama-SAP.

“Sasingaxabananga nomfo kaMgube yingako nje kubelula uma sesixhumana savumelana ukuthi masibuyise iqembu njengobunjalo balo. Ngithi mina abalandeli mabalindele ingcwenga yento ngoba bazowezwa kahle ama-SAP ukuthi asebuye kanjani,” kubeka uCelazimnike.

Uthi bese kunesikhathi eside yena enesifiso sokubona leli qembu libuyela endleleni yalo elalishaya ngayo.

UCelazimnike uzwakalise ukuthi ukusebenza kwakhe nama-SAP ngeke kuphazamise umsebenzi wakhe njengoba eneqembu alenzayo eceleni.

“Lokhu esizobe sikwenza ngeke kusiphazamise emsebenzini esiyenzayo ngoba ama-SAP azophuma ngaso isikhathi sawo bese kuthi nalena imisebenzi esiyenzayo siyikhiphe ngesinye isikhathi. Angithi nje kuyimanje besilinde ukuthi uMgube aqede ngomsebenzi abematasa ngawo weqembu Igeza lakwaMgube, akukho okuzophazamisa,” usho kanje.

Uveze ukuthi ngendlela ababexoxe ngayo bazongena studio ngo September ngoba inhloso enkulu ukuthi umsebenzi wama-SAP kube yiwona abantu abazozithokozisa ngawo ngoZibandlela.

Uthi isikhathi sokubuyela kuma SAP sifike kahle kakhulu emculweni ngoba nabantu kade babelokhu bekhala njalo uma behlangana naye.

“Bengihlezi ngihlangana nabalandeli bomculo bengikhalela bethi basakhumbule esasikwenza nomfo kaMgube kanti abanye babengakufihli ukuthi emculweni kamaskandi basondela ngoba bedonswa umculo ebesiwenza,” kusho yena. Uthi maduze bazozimemezela zonke izinhlelo uma sebekuqedile konke okusasele ekuxoxeni kwabo bese kuqala ke umshikashika wokubuyela studio kuyoshaywa ingoma.