EzintshaISIKO

Ukuziphatha kwentombazane kusukela ithomba kuya ekumulisweni

NguNOKUTHOKOZA MATHONSI

Ukuziphatha kahle kwentombazane kubalulekile yingakho ize yenzelwe umcimbi wokuyibonga obizwa ngomemulo. 

Lo mcimbi wenziwa nguyise wayo, kuhlatshwe inkomo, kube nedili kumenywe izihlobo nomakhelwane kuzobungazwa ukuziphatha kahle kwendodakazi yakulelo khaya, engahluphile ngabafana futhi engazele ngane. 

Yona ngalolo suku lokubungazwa kwayo isuke isina nezinye izintombi izibukeli zibukela, kuculwa amaculo ehlukene okubalwa kuwona abonga uyise nonina ngokuyikhulisa.

Ukumuliswa kwayo kusuke kuchaza ukuthi isingamveza emthandayo ngenxa yokuthi isikhulile futhi uyise ugculisekile ngokuziphatha kahle kwayo. 

Nakuba ke isike isikhululiwe kodwa kusuke kungachazi ukuthi isingaziphatha noma yikanjani kepha izigcine ize igcagce ingalandelwa mpukane. 

Ukuziphatha kahle kwayo kwenza uyise nomndeni wonkana wakubo uhlonipheke kuthi noma sekukhona oyilobolayo azishaye ziphelele izinkomo zamalobolo.

Kuyenzeka kube yiyo intombazane egqugquzela uyise uma ibona kungenzeki lutho mayelana nokwemulaliswa kwayo, ngenxa yokuthi isenzo sayo sokuziphatha kahle sisuke siyinto enkulu emndenini kuye kwenziwe njengokucela kwayo (yemuliswe).  

Ukugonqa

Ngaphambi kokuba kufike ilanga lokusina kwayo nezimpelesi esigcawini kuqala ngokuthi igonqiswe. 

Kuqale kubikwe emsamo ngomcimbi eyenzelwa wona, kuhlatshwe imbuzi yokuyingenisa emgonqweni. 

Kuye ke sekufika owabo abazoyisinisa, ugogo wayo ayigcobe ngebomvu umzimba wonke ihlale endlini ingabe isaphuma kuze kube kushaya usuku lokusina. 

Ngesikhathi isisemgqonqweni akufanele ibonwe ngabantu, kepha ngisho idinga ukozikhulula iphuma phandle izigoqe ngengubo ibuke kuphela lapho igxoba khona. 

Uma isendlini ayigqoki lutho kodwa ibhinca noma ithawulana nje bese njalo ntambama ngemuva kokugeza iqhubeke nokuzibhixa ngebomvu emzimbeni ngaphambi kokuba ezinye izintombi zifike kufundelwe. 

Iba nomhlalisi wayo noma impelesi ephekayo, yenze konke nje okuyizidingo zalowo ogonqile ngoba yena usuke engavumelekile ukubonakala phakathi kwabantu. 

Ngisho igama lakhe imbala alibe lisasetshenziswa kodwa ubizwa ngoNomgomqo. 

Kuye kuthi kusasele izinsuku ezimbili ngaphambi kokuba kufike usuku lokuphuma emgonqweni okuwusuku olunqunywe ngaphambi kokuba agonqe, izintombi ziphuma ziyolanda umkhonto kumalume kaNomgonqo azosina ngawo esigcawini. 

Kuthi umemulo usungakusasa kube nomvalelo (kusinwe kuze kuse), izintombi zidle inyama yebele lenkomo esuke isihlatshelwe umcimbi wangakusasa (umemulo). 

Ngabo lobo busuku futhi ziphuma zingena komakhelwane zikoleka (zicela imali), zisuke zicula amaculo ehlukene ahambisana nokucela ukuvulelwa kulowo muzi ezingena kuwona ziphume ziphethe. 

Kulokho kukoleka kwezintombi nezinsizwa zendawo zisuke zilandela ngemuva kwazise phela kusuke kusebusuku. 

Kuthi zingabuya nje zidlulisele imali leyo eziyikolekile kwabadala (okungaba wugogo wakulelo ekhaya) bese ziqhubeka nokubhikla ingoma endlini yangenhla lapho uNomgonqo egonqe khona bese ziphuma ke futhi kusempondozankomo zibheke emfuleni ziyogeza, lapho ke izinsizwa zisuke zingasadingeki. 

Kulokho kugeza kwazo zifike zikhumule zisale mbuncu zingene emanzini, kuthiwa zikhipha amabhadi. 

Uma sezibuyela ekhaya azithule njalo futhi ziyacula, zijabule kwazise nazo zibongisa udadewabo obungazwayo.

Kuthi zingafika ekhaya zingabe zisangena egcekeni kodwa zikhonjiswe isihlahla esiqokwe nguyise okumele zihlale kusona zilindele ukuqala komcimbi. 

Izimpahla ezisuke zisetshenziswa nguNomgonqo okungaba yingubo yokulala, yithawula abelibhinca nakho konke ke nje obekusebenza egonqile kunikwa ugogo wakhe owayemgcobe ibomvu mhla engena emgonqweni noma kushiswe esangweni umlotha wakho uchithwe ezaleni.  

Kuthi kungaphakama ilanga aphume uyise nabafowabo ukuyolanda izintombi esihlahleni zingeniswe ekhaya. 

Lapho ke kusuke sekuvunulwe kuconswa, nakuba imvunulo isuke idla lubi kodwa izintombi kubalwa noNomgonqo basuke bengavunule ngezidwaba kepha ngomamndindi nje babo abahle (iziketi) kwazise isidwaba sivunulwa ngumka muntu ngodwendwe. 

Kuthi ke engabahola uyise ebangenisa ekhaya bese kuqalwa endlini yangenhla kufakwe umhlwehlwe kuNomgonqo osuke ukhishwe enkomeni yokumemulisa. 

Khona lapho kufike kubikwe emsabo ukuthi nayi ingane isikhulile sekulindeleke ukuba kungavela oyilobolayo iyovusa umuzi lapho izobe ithande khona yona ngakho kucelwa ukuba ivikeleke ezitheni ithole umkhwenyana ozoyithatha alethe amalobolo ekhaya. 

Kuphunywe ke lapho kuqondwe esibayeni nakhona kuyaculwa njalo futhi ukungena khona kuseyingxenye yokubika ngomntwana okhuliswayo nokucela ukuba umcimbi uhambe kahle. 

Ngaso leso sikhathi uyise uyebe eseyichoma imali ekhanda nokungenye yezindlela zokuyibinga ngokuziphatha kahle kwayo.

Kuthi kungaqedwa lapho kuyiwe esigcawini naso esikhonjwa wuyise kaNomgonqo esisuke singaziwa muntu ngaphandle kwalowo osuke ethunywe ukuba achele ngentelezi ebusuku kungaboni muntu, kwalowo kuba ngothenjiwe emndenini. 

Inhloso yokuthi singaziwa muntu wukuvilela ukuba kungabikhona muntu owenza imigilingwane yakhe bese umemulo ungabi yimpumelelo. 

Uma ke kufikwa esigcawini ziyaqhubeka izintombi zisinise uNomgonqo kufike nabakomalume wakhe nezipho ezinhlobonhlobo kubalwa imali nezingubo zokugqoka.

Kutheleke amaviyo ngokwehlukana kwezigodi zakuleyo ndawo, kugiywe zingqabashiye izintombi, zigqize bakikizele omama kube mnandi kube njeyaya. 

Khona lapho futhi kude kusukwa ngababili behambise imikhonto kwizibukeli kubalwa olandwe komalume nokhishwe nguyise wentombazane bese labo ehlonywe phambi kwabo beyibuyisa ngokuzochoma imali ekhanda likaNomgonqo, kuze kube uyaphela ke umcimbi kuguga utshani esigcawini kusinwa ingoma kugqizwa, kugiywa kunjeyaya. 

Kubuyelwe ekhaya ke kuyodliwa njengoba kusuke kusindwe ngobethole. 

Ngelanga lokusina kusuke sekuphela ukuba abizwe ngoNomgonqo ngoba usuke esephumile endlini noma emgonqweni.