EzintshaUmasikandi

Usazikhotha amanxeba umculi kamaskandi ngomlilo ongqongqise umuzi wakubo washiya kukhalwa

INTATHELI YENGEDE

Imililo yequbula ebihlasele isifundazwe iKwaZulu-Natal ishiye kukhalwa emindenini eminingi ngenxa yomonakalo odalekile kanti awubashiyanga ngaphandle nabaculi.

Umculi waseMsinga ungomunye wezakhamizi ezizithole sezibhekene nengwandla ngalo mlilo.

Kuyimanje uCelazimnike Mtshali wakwaMajozi, eMsinga, usazikhotha amanxeba ngemuva kokucekeleka phansi komuzi wakubo, kwasha yonke into ephakathi.

UCelazimnike ngomunye wabaculi abadala kakhulu endimeni yomculo kamaskandi.

Ngenyanga eyedlule lomculi ubesajabulela ukukhipha icwecwe elisha elibonakala liyithola indawo kubalandeli nakubathandi bomculo.

Leyo njabulo yakhe uCelazimnike yokukhipha icwecwe iphenduke indumalo ngesikhathi ethola izindaba zokuthi kumele aphuthume ekhaya ngoba umlilo wequbula ungqongqise umuzi wakubo nemfuyo.

Ngesikhathi efika kubo akayikholwanga into ayificile khona izindlu seziwumlotha kubalwa nenye abesanda ukuyakha.

Ekhuluma neNgede ngokumvelele uCelazimnike uthi ikhanda lisazula kuye ngoba lomlilo ushise kwasani okubalwa nempahla.

“Sengibonga nje kuphela ukuthi awukho umphefumulo olahlekile kulesigameko.

Okungishaqisa kakhulu ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi umlilo ujombe ngisho umgwaqo omkhulu ohamba izimoto nsukuzonke bese uzoshisa ekhaya.

Ngiyazibuza ngiyaziphendula ngalokhu okusehlele lapha ekhaya,” usho kanje. Uthi isimo sinzima kakhulu njengoba kushe nezingubo zezingane nezincwadi zokufunda.

Uchaza uthi lomlilo ungenele nemfuyo njengoba nayo ishile kulomlilo obuvutha ubuhangu-hangu. “Sibi nje kakhulu isimo engibhekene naso ngoba ngibona konke ebesengukusebenzile kucekeleke phansi ngomzuzwana.

Buka nje manje kuzophoqeleka ukuba ngiqale phansi nokuphemba impilo, angazi ke njengoba isimo sinzima kanje ngoba mina anginayo nenhlanhla yokuqashwa kulemicimbi eyenziwayo,” kusho yena.

Uthi angakujabulela ukuthola uxhaso ezinhlakeni zikahulumeni ezibhekelele izimo ezifuze lezi ezehlele umndeni.

“Okungikhalisa kakhulu ukusha kwezincwadi nenyunifomu yezingane ngoba kunzima kuzona manje ukuthi ziye esikoleni.

Ngilimele kakhulu emoyeni wami ngalesi simo ngoba kuningi kakhulu okubalulekile kimi okucekeleke phansi,” kukhala uCelazimnike.

Uthi angakujabulela ukuthola abangelula isandla bemlekelele njengoba ebhekene nalenkinga.

Nakwezinye izindawo lomlilo ucekele phansi wathatha nemiphefumulo eminingi.

Isibalo sabantu abashonile bese singaphezulu kwabayishumi okubalwa kubo nabasebenza ngaphansi kwezimo eziphuthumayo.

Izindawo ezishayeke kakhulu yilezo ezisemakhaya lapho lomlilo othathe izinsuku ushisa namadlelo emfuyo.

Kuyimanje izinhlaka zikahulumeni wesifundazwe zisephansi naphezulu zelekelela abantu abasele dengwane. UNdunankulu KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli ucashunwe ethi umonakalo odalwe umlilo kulesifundazwe ubalelwa kwizigidigidi kanti kusale kancane ukuthi isifundazwe sithathwe njengendawo yenhlekelele.