Umlando incwadi ngempilo yomculi kamaskandi odumile ifakwa kwezizofundwa ezikoleni
MUNTOMUHLE MCAMBI
Sekuphinde kwaqopheka umlando endimeni yomculo kamaskandi, kulandela ukutonyulwa kwencwadi ngempilo yesihlabani esidume izwe lonke kwathiwa isizofundwa ezikoleni zase-Gauteng.
Kube yizindaba ezimnandi ukuzwakala kokuthi incwadi ekhuluma ngempilo kaKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, izokuba yingxenye yezincwadi ezizofundwa ezikoleni eGoli.
Le ncwadi esihloko sithi: uKhuzani isibuko somaskandi, yabhalwa uqweqwe lo mbhali osezakhele udumo ngokubhala ngomlando futhi oyintatheli esimnkantshabomvu u-Eric ‘Ngob’omnyama’ Ngobe.
Kwakungokokuqala ukuthi kubekhona umculi kamaskandi okubhalwa ngempilo yakhe esaphila futhi ezikhulumela yena ngempilo nangempumelelo yakhe.
Phambilini lo mbhali wake wabhala futhi ngempilo kaMtshengiseni “Indidane” Gcwensa, (osadlula emhlabeni).
Kube siyikhathi esimnandi kuNgobe ngenkathi ethola izindaba zokuthi incwadi ayibhalile ngempilo kaKhuzani itonyuliwe ukuba yingxenye yalezo ezizofundwa ezikoleni esifundazweni iGauteng.
Le ncwadi isithathwe ukuba iyofundwa ezikoleni zemfundo eyisisekelo esifundazweni iGauteng.
Lokhu kuvele ngenkathi kukhishwa uhlu lwezincwadi zababhali baseNingizimu Afrika ezihlabahlosile futhi ezikulungele ukufundwa ezikoleni zakulesi sifundazwe ngaphansi komkhankaso wabo weYoung Writers.
UNgobe usebe ngumbhali futhi intantheli isikhathi eside ebhala ngezindaba zomculo wesiNtu ohlanganisa isicathamiya, umaskandi, umbhaqanga, amahubo nomlando wezenkolo.
Ethintwa ngalokhu uNgobe uzwakalise ukwethuka kakhulu ngoba ethi kuyinto abengayilindele ngemuva kwesikhathi eside incwadi ikhona.
“Empeleni lo msebenzi ngawukhipha ngokusemthethweni ngonyaka wezi-2019 ngawethula kubalandeli nabathandi bomculo futhi abakhombisa ukuwemukela ngezandla ezifudumele.
Yebo wona wathengwa kakhulu njengoba wawuthengwa kimi uqobo nasezinduneni zakhe uKhuzani.
Sekungicacele ukuthi uhambo lwami luselude kakhulu emkhakheni wokubhala izincwadi njengoba sengingene ngazinza kuwo.
Kamuva nje sengicelwa amabandla ezenkolo amaningi ukuba ngibhale umlando nokusunguleka kwawo ngenhloso yokufundisa intsha ngawo,” kusho yena.
Kuvela lezi zindaba nje umfo kaNgobe usanda kukhipha enye incwadi yebandla iZion Congregational Church of South Africa (ZCCSA), elidume kakhulu ngokuthi ibandla lamaCongo, lapho abhale khona ngokusunguleka kwalo okuthinta ubuholi basendulo nomlando walo wonke esihloko sithi: Umlando Webandla AmaCongo.
“Mntakababa angazi ngingayichaza ngithini injabulo enginayo ngalo msebenzi wemibhalo uma ngiwubona usuchuma ngale ndlela.
Emveni kwesikhathi eside ngibhalela amaphephanda ngaba nomuzwa wokuthi kuzodinga ukuba ngithole indlela yokuwugcina lo mlando engangiwubhala emaphephandabeni ukuze ungapheli.
Ngangiqonda ukuthi umehluko wencwadi nephephandaba ukuthi incwadi iba umqingo owenele ukuba imumathe wonke umlando ngaleso sihloko osophe ukubhala ngaso, kanti ephephandabeni kuba yindaba emfishane,” kusho yena.
Uthi usazimisele nokuqhubekela phambili nokubhala ngawo umlando wabaculi besiNtu, izinkolo zomdabu zase-Afrika, imicimbi evuselela amasiko esiNtu namaqhawe asebenza ngobuciko kubandakanya nonjiniyela esitudo.
Uthi kungekudala nje uzomemezela ukuthi yimuphi omunye umculi kamaskandi azobhala umlando wakhe ukuze abathandi bobuciko nabalandeli balowo mculi bahlale belindile.
Ube esenxusa ukuba nesifundazwe iKwaZulu-Natal naso sivuselele indlela yokwenza elungile ngokuthengwa kwezincwadi ezizofundwa ezikoleni nezingena emtapheni yolwazi esifundazweni.
“Ukubhalwa nokushicilelwa kwezincwadi kuyinto esemqoka kakhulu njengoba thina bantu abamnyama owethu umlando wawuxoxwa ngomlomo kuphela bese kuba yinkinga ke uma lowo muntu owaziyo esedlulile emhlabeni.
Ngiyababongela bonke nabanye ababhali okutonyulwe izincwadi zabo ukuba zifundwe ezikoleni zethu,” kuphetha yena.
Le ncwadi ngempilo kaKhuzani ishicilelwe ngaphansi kwenkampani ezinze eThekwini, Iziko Art Company.

