Umculo Ikwela ibidle ngokuba nesigqi esimnandi esisheshayo
UKUNGENISA komculo owaziwa ngeKwela, kwafika nelokhulu igidigidi kwezikaqeda isizungu eNingizimu Afrika.
U-Eric Ngobe, usihlaziyela ukungenasa kwalo mculo ofike nesigqi esahlukile emlandweni womculo wakuleli.
Lolu hlobo lomculo lona beludle ngokuba nesigqi esisheshayo kakhulu uma luqhathaniswa nolunye okwakudanselwa lona.
Okunye okusemqoka ngomculo iKwela ukuthi ubusebenzisa kakhulu imfiliji njengensimbi ehamba phambili njengoba kweminye bekujwayeleke ukuthi kube yisigingci noma ipiano ehamba phambili.
Isigqi seKwela bekuwuhlobo obeluhlanganise isigqi saMarabi kanye nohlobo lomculo wase-United State of America obelwaziwa ngeSwing.
Nokho kakucaci kahle ukuthi igama lalo mculo liqhamuke kanjani kodwa kunemicabango emibili ngokuqambeka kwegama lawo.
Abanye bathi lo mculo uqanjwe usukela ekuthini abantu babeboshwa kakhulu ngamaphoyisa uma beficwa ezindaweni zokucima ukoma bedansa, bese uzwe amaphoyisa ethi “kwela, kwela, kwela evenini.”
Kanti bakhona labo abakholelwa wukuthi ukuqanjwa kwawo lo mculo kusukela komunye wabaculi ababehamba phambili u-Allan Kwela.
Lo mculo ubenelikhulu idumela ngoba bekulula ukuwuhlanganisa futhi ubungadingi izinsimbi ezibizayo.
Bekuthi ntambama ngolwezihlanu kubonakale amabhungu emakhoneni emigwaqo emi izixongololo kanti seziyaduma njalo iyasho imfiliji kudlalwa iKwela.
Abemaningana amabhungu atshengise kakhulu ikhono kulo mculo ngoba phela iningi lawo lalikade vele likwazi ukudlala imfiliji kusukela ngezikhathi esekwaluseni emakhaya.
Kulama bhungu asheshe azigqamisa kakhulu agcina sekuyiwo akhonyayo emculweni weKwela kube nguSpokes Mashiyane ogcine esebizwa ngoKing Kwela (inkosi yeKwela).
USpokes Mashiyane uzalelwe eNorthern Transvaal (okuyiLimpopo manje) kanti ubeyishaya imfiliji aze ame ngomlenze owodwa.
Bekuthi uma kudlala ingoma yakhe ethi: “Ace blues” kusangane bonke abantu.
Ngokuhamba kwesikhathi kuqhamuke nezinye izimambane ezifana noLenny “special” Mabaso, Jack “Big Voice” Lerole, Sparks Nyembe, Jerry Mlotshwa, Abia Temba nabanye.
Umhlaba wonke ube usuzwa uhlobo lomculo omusha oqhamuka eNingizimu Afrika.
Izinkampani eziqopha umculo zibe sezibanga ukuqopha uSpokes Mashiyane noLenny Special njengoba bebehamba phambili.
Umculo weKwela nawo uye wabhekana nezingqinamba njengoba abomthetho bebengawuthandisisi ngoba bethi ugqugquzela ubugebengu.
Phela lo mculo ufikisane kakhulu nokubhebhetheka kolimi loTsotsi.
Okwenza lokhu ukuthi ngesikhathi amaqembu abedlala emakhoneni ngezimpelasonto kubekhona abebesebenzisa lelo thuba bakhuthuza labo abalibele ukubuka igege eculayo.
Lo mculo ugcine usudlalwa naphesheya kwezilwandle ngoba bekuyisigqi esehlukile kunomculo obukhona ngaleso sikhathi.
USpokes Mashiyane ubevamisile uma ebuzwa ukuthi ulithatha kuphi ikhono lokuqhamuka nezingoma ezishisayo athi yena izingoma uzinikezwa ngamadlozi wakhe emaphupheni uma elele.
Kuthe ngowezi-1964 uSpokes washadelwa kanti emshadweni wakhe kwakuqhuma umculo iKwela kukhona negenge abedlala nayo.
Amaphephabhuku angaleso sikhathi afana neDrum abehlale ebhala ngaye nomculo wakhe.
Uzithole esenhlanhleni ngesikhathi umculo wakhe usuqoshwa yinkampani enkulukazi iGallo. Njengabo bonke abaculi bangaleso sikhathi uSpokes Mashiyane kayikho imali ayitholile ngomculo wakhe, imadlanyana abeyithola bekuyileyo abephonselwa yona uma ecula emakhoneni nasemaShebeen.
USpokes ushone ngowezi-1972 emuva kokushayiswa yimoto washonela esibhedlela.
Ukufa kwakhe kube yifu elimnyama kulo mculo njengoba ubaziwa ngenkosi yawo.
Ngasekupheleni kweminyaka yabo-1980 iqembu iMango Groove, ebeliholwa ngowesifazane omhlophe u-Clair Johnson like lazama ukubuyisa umculo iKwela.
Leli qembu beligila izimanga ngoba baningi abagcine sebezifela ngezingoma ezifana noHometalk, Special star, Kwela, Dance some more nezinye.
Ngokuhamba kwesikhathi kwaqhamuka nelinye iqembu elaziwa nge Kwela Tebza elizamile ukubuyisa lolu hlobo lomculo kodwa ke laphelela emoyeni.

