EzintshaUmasikandi

Isenkulu ingcindezi yabalandeli ephila ngaphansi kwayo indodana yesihlabani sikamaskandi

INTATHELI YENGEDE

Seyathatha isinqumo sokuyamukela njengoba injalo ingcindezi eqhamuka kubalandeli nakubathandi bomculo indodana yesihlabani esasihamba phambili ngokuba nabalandeli abaningi endimeni.

Kulenyanga eqalayo kulindeleke ukuba kuphume icwecwe elisha lesithathu likaLusanda “iBhova Elincane” Khumalo.

Le nsizwa izalwa yintandokazi emculweni kamaskandi, uKwakhe Mgqumeni “iBhova likaDikadika” Khumalo, elasishiya emhlabeni ngo 2009.

Yize sekuyiminyaka eminingi adlula emhlabeni uMgqumeni kodwa namanje igama lakhe kalipheli njengoba kunabaculi abaningi abalokhu beqhamuka befuna ukucula njengaye kanti abanye baze bathathe nezingoma ayedume ngazo bazinonge.

Ngesikhathi sokudlula kwakhe emhlabeni uMgqumeni, abalandeli bakhe basala bebeke amathemba wabo kwindodana yakhe eyayisencane ngaleso sikhathi, ukuthi izokhula bese ingena ezicathulweni zikayise.

Kuthe noma isingena emculweni indodana yakhe yakuthola ukwesekwa okukhulu ngabalandeli ababethanda umculo kayise.

Kuleli cwecwe elisha leBhova Elincane elisihloko sithi: Hheshe Mbhemu, lomculi uthembisa ingcwenga yodwa.

Kulo usebenze kakhulu noMdumazi ophinde abe nguprojusa kuleli cwecwe kanti kunezinto eziningi ezehlukile abalandeli bomculo abazozizwa ezingomeni eziqukethwe kuyo.

Le nsizwa izishaya isifuba kakhulu ngokusebenzisa usiba njengoba izibhalela zonke izingoma.

Uma likhuluma ngomculo walo iBhova Elincane lithi selayamukela ingcindezi yabalandeli ngenxa yakho ukuthi lizalwa umuntu owayethandwa kakhulu emculweni futhi enenqwaba yabalandeli.

Uthi lapho ahamba khona uma ehlangana nabantu bahlezi bekhuluma ngoyise besho okuningi nokuhle ayekwenza emculweni.

“Sekwaba yingxenye yempilo engiyiphilayo futhi sengayemukela indaba yengcindezi yabalandeli. Noma kunjalo mina ngigxile kulokhu engikwenzayo ngoba nami ngisafuna ukwakha igama nomlando wami emculweni ngoba ngeke ngifane nobaba.

Yingako nje kwathi noma ngingena emculweni ngathatha isinqumo sokuthi ngeke ngifune ukuzenza yena noma ngicule njengaye,” kusho iBhova Elincane.

Lithi selokhu langena emculweni lithola ukwesekwa okukhulu ngabantu ababekade belandela umculo kayise.

Uthi kuningi akufunda emculweni obudlalwa nguyise kanti okunye kwako uyakusebenzisa naye ngoba kuyizinto ezinhle.

“Mina nje kangifuni nokuzikhohlisa ngeke ngifike ezingeni likababa ngokomculo ngoba wayenesiphiwo esehlukile kakhulu, kodwa ngokwempilo kuyisifiso sami ukufinyelela ezingeni lakhe njengoba wayekade ewumuntu oyithandayo inhlanzeko futhi ehlonipha kakhulu,” usho kanje.

Uthi ukwesekwa akutholayo yikho okumnikeza amandla okuqhubekela phambili nomculo ukuze naye afeze amaphupho anawo.

“Ngiyaye ngibone inhlokomo engiyitholayo uma kukhona umsebenzi engiwukhiphile noma uma kukhona lapho engiyodlala khona abantu bekhombise ukukuthanda engikwenzayo.

Ngiyabanxusa nje abathandi bomculo ukuthi baqhubeke nokungeseka ngoba nami ngizimisele ukubajabulisa,” kusho iBhova Elincane.

Ngaphandle kwaleli qembu lakhe, likhona nelinye alenzayo elibizwa ngokuthi: Abadlwane beBhova.

Kulelo qembu usebenza kakhulu nezingane zakwabo kanti uthi noshuni abawudlalayo unomehluko uma uqhathaniswa naleli lakhe yedwa iqembu.

Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani uma ebona kukhona abaculi abafikayo endimeni abazenza uyise ngokuthi bacule njengaye noma bacule izingoma zakhe.

“Lokho nje akungiphazamisi nakancane, empeleni mina ngikubona kuyinto enhle ngoba iphakamisa igama likababa futhi iwubufakani obungephikwe ukuthi laba likhulu iqhaza lakhe endimeni yomculo kamaskandi.

Ngokwami ukubona yikho kanye lokhu okuyohlezi kwenza igama likababa lingashabalali emculweni,” kusho yena.

Uthi kubaculi angathanda ukuthola ithuba lokucula nabo ubeka eqhulwini uMlabalaba ngoba ethi kukhona ingoma enkulu ayibonayo kuye.

IBhova Elincane lithi maduze umsebenzi walo uzobe usutholakala kuwona wonke ama digital stores omculo kuyo lenyanga ezoqala. Uthembisa nabathandi bomculo ukuthi bazoke bewuzwe nomehluko ekudlaleni kwakhe isigingci njengoba ezibambela futhi uthi usuku nosuku ulibona likhula ngamandla ikhono lakhe ekudlaleni intambo.