EzintshaUmasikandi

Ufulathele umculo we-Rap wazihlanganisa nokamaskandi ngoba egwema ubudlova obunodlame

INTATHELI YENGEDE

Izigemegeme nobudlova obuhambisana nodlame olunokufa phakathi emculweni we Rap yikho okwenza umculi owaziwayo e-Eastern Cape wathatha isinqumo sokuzihlanganisa nomculo kamaskandi.

 Abalandeli nabathandi bomculo kamaskandi bayayazi insizwa engu Luxolo Mpetsheni edume kakhulu ngegama likaBhacelihle.

Yize kunjalo kodwa bambalwa kakhulu abaziyo ukuthi kanti le nsizwa yayikade icula uhlobo lomculo we Rap.

Phela lolu hlobo lomculo ludume kakhulu eMelika njengoba iqwaba yabaculi bawo lizinze khona.

Akekho ongazazi izigemegeme zabaculi abafana no 2pac Shakur nembangi yakhe uNotorious BIG abadudulana baze bayongena egodini lokufa.

Lolu hlobo lomculo ke lwasala lunesithombe esingesihle sobudlova obunodlame nokuphathwa kwezibhamu kanye nokusetshenziswa kakhulu kwezidakamizwa.

Yizo ke lezi zigameko ezifuze lezi ezenza ukuba uBhacelihle athathe isinqumo sokuwufulathela lo mculo.

Wathatha leso singqumo ngoba engafuni ukuzimbandakanya namaqembu emigulukudu ehambisana nokuba kulolu hlobo lomculo.

Le nsizwa edabuka esigodini saseMacwirheni, eNgcobo khona e-Eastern Cape, yayikade iqhuba lomculo weRap izinze eKapa.

Uma echaza uthi izinto zazihamba kahle kulo mculo kodwa zajika ngokuhamba kwesikhathi njengoba kwase kufanele ukuthi abaculi bakhethe amaqembu emigulukudu abahambisana nayo.

Uthi kwakwenzeka uma kuyiwa emcimbini bese kukhishelwana izibhamu kubekhona nabadubulanayo.

UBhacelihle uthi kuyilapho abona khona ukuthi kakuyona impilo ayithandayo enodlame wase ethatha isinqumo sokuwushiya umculo weRap.

Le nsizwa ithi yathatha isikhathi icabanga ngekusasa layo kwezomculo.

Ngoba emakhaya yakhula umculo kamaskandi kuyinto ekhona, okwaba yilapho ke eyathatha khona isinqumo sokuba ingene kuwo umculo wamabhinca.

Ithi kayizisoli nakancane ngokuthatha leso sinqumo ngoba kwayisiza yahambela kude nezinto ezithinta okungalungile.

Ngesikhathi ingena emculweni kamaskandi ithi kakubanga yinto enzima kakhulu ngoba ukubhala izingoma bekuyinto vele esegazini kuyo njengoba iveza ukuthi kulomculo eyayisuka kuwo  bekubhalwa kakhulu.

“Kakubanga yinto elukhuni kimi ukungena emculweni kamaskandi ngoba ngifike kuwo nabalandeli ababethanda izwi lami.

Ngabazisa ukuthi sengiyawushintsha umkhakha womculo, kwasho ke ukuthi abaningi babechazwa yizwi lami ngabona ngabo sebengilandela,” kusho yena.

Uthi ngesikhathi ekhipha ingoma eyayithi: Ithemba lami, wabona esethintwa abantu abaningi bezwakalisa ukujabula.

Le nsizwa ithi yayingayilindele indlela eyamukeleka ngayo kubalandeli bakamaskandi njengoba ngesikhathi esifishane yabe isikwazi ukubizwa ukuyondlala ezindaweni ezahlukene ngokunjalo yangenela nemincintiswano.

“Kwangijabulisa kakhulu ukubona umculo wami usabalala kakhulu ezinkundleni zokuxhumana okuyizo manje ezisetshenziswa kakhulu endimeni.

Kuthe sengikhipha enye ingoma yami ethi: Ikhaya lami, ngabona sengithintwa nangabahleli bemicimbi kwezinye izindawo ezingaphandle kwase Eastern Cape.

Lokho kwangijabulisa kakhulu ngoba kwaveza ngokusobala ukuthi ikhono lami abantu bayalithanda,” kusho uBhacelihle.

Uthi umculo wakhe ugxile kakhulu ekugqugquzeleni abantu abasha ukuthi bazinakekele bangazihlanganisi nezinto ezingalungile empilweni.

“Isifiso sami ngalomculo ukuba ngihambele izindawo eziningi kuleli ngigqugquzele ukuzithanda kubantu abasha ngoba isizwe siyadinga ukubona intsha yaso ithuthuka. Umculo ungabamba elikhulu iqhaza kulokho,” kuphetha uBhacelihle.