EzintshaUmasikandi

Kushiyana imibono ngokwesekwa kwamaqembu abesifazane acula umaskandi

INTATHELI YENGEDE

Inkulu ingcindezi ebhekene nabaculi besifazane endimeni yomculo kamaskandi njengoba amanye amaqembu abo engaqashwa uma kukhona imicimbi.

Lesi simo sesidale ukuthi kubekhona abanye besifazane abaphonsa ithawula bathatha isinqumo sokuwufulathela lo mculo.

Inkinga iqale ngokuthi umculo wabesifazane ungadlalwa kakhulu ezinhlelweni zemisakazo, kwaqhubeka kwaba ukungathengwa komculo wabo.

Mancane kakhulu amaqembu abesifazane asayibambile manje endimeni kanti nawo athwele kanzima njengoba ngesinye isikhathi engaqashwa.

Okunye okuqaphelekayo ukuthi amaqembu abesifazane kawanazo izinhlaka zabalandeli abawesekayo njengoba kwenzeka kubantu besilisa.

Imibono iyehlukana ngesimo sokufadabala komculo wabesifazane futhi kuqubula imibuzo ngekusasa labo.

Okunye okuqaphelekayo ukuthi abesifazane abalandela kakhulu umculo kamaskandi bangene kakhulu kulawo maqembu aholwa ngabesilisa futhi abanye baze beqokwe ukuba zinduna kulawo maqembu.

Eminyakeni edlule omunye wabaculi besifazane abasendimeni kamaskandi, uBoneni Magubane, waze wathatha isinqumo sokuwufulathela lomculo ngoba ekhala ngokungakutholi ukwesekwa kwabesifazane emculweni.

Ngaphambi kokuba ithathe leso sinqumo lentokazi edabuka eNquthu yaqala yashintsha ushuni wayo yangena emculweni osakwaito.

Kanti kukhona namanye amaqembu angasazwakali okubonakala sengathi asaliphonsa ithawula njengoba engasaqophi.

Lesi simo sesenze ukuba labo besifazane abasazimisele ngomculo kamaskandi babona kungcono ukuthi bazihlanganise namaqembu abesilisa noma bafake amaphimbo ezingomeni zabesilisa.

Abaseduze namanye alamaqembu basola kakhulu imisakazo ngokuba nesandla ekufadabaleni komculo kamaskandi wabesifazane ngokuthi umculo wabo ungadlalwa. Khona iyashayisana imibono ngalesi simo esibhekene namaqembu abesifazane.

Omunye umculi wesifazane osangena endimeni, Indodakazi YeNdidane, uthi inkinga ebhekene namaqembu esifazane idalwa yindaba yokubukelwa kwabo phansi.

“Kusekhona inkinga yokubukelwa phansi kwabantu besifazane kuleli. Ngisho nakuwona umculo abesifazane bacindezeleke kakhulu ngoba kukhona abakholelwa ukuthi ayikho into esile engenziwa umuntu wesifazane.

“Thina besifazane sihlezi sibukeleka phansi noma singazimisela kanjani emculweni kodwa asinakwa sihlezi silandela ngemuva, okuyinto eqeda wonke umdlandla esinawo,” kusho Indodakazi Yendidane.

Omunye wabasakaza umculo kamaskandi, uMa Ten-ten Shazi, weHarry Gwala FM, uyavuma ukuthi liphansi kakhulu izinga lokwesekwa komculo wabesifazane kumaskandi.

Uthi ziningana izizathu ezidala lesi simo, okubalwa kuzo nokubakhona kwabalandeli abasuke beqondene nomculi othile bengasazihluphi ngokulalela abanye abaculi.

“Ngeke siwashiye ngaphandle nawo amaqembu esifazane ngokuba nesandla kulesimo abhekene naso. Inkinga yokuqala engiyibonayo mina ukuthi amaqembu esifazane acula indlela eyodwa, kawakwazi ukushintshashintsha.

Okwesibili amanye ayehluleka ukudlala ngendlela ehehayo uma ecula estage futhi nezingoma zamanye kazibi nawo umlayezo okwazi ukudonsa abalandeli.

Isibonelo uma abesifazane becula ingoma yothando uyaye uzwe kukhona ubuciko obushodayo kakufani nendlela abesilisa abafike becule ngayo.

Lokhu ke kwenza nabahleli bemicimbi bengakwazi ukwenza imicimbi yabesifazane kuphela ngoba ngeke bekwazi ukudonsa abathandi bomculo.

Owami umbono uthi kufanele amaqembu esifazane ezifundise ukucula ngezindlela ezingefani kungabi yinto nje eyodwa ialbum iqala ize iyophela kungekho umehluko,” kusho uMa Ten Ten.

UPhumelele Ngcobo, ongomunye wabesifazane abalandela kakhulu umculo kamaskandi, uthi inkinga enkulu yamaqembu abesifazane ukungakwazi ukuzikhangisa kahle kubalandeli.

“Emculweni kamaskandi indaba yezinkundla zokuxhumana isetshenziswa kakhulu, manje laba besifazane kabawakhuthalele kakhulu ama page wabo.

Uyazi ukuthi laba besilisa bona baba nenombolo abayifaka kulama page okuyiyo abayisebenzisela ukuxhumana nabalandeli.

Uma kwenzekile waba nenombolo yakhe lowo mculi wesifazane kuba yindaba enkulu ukuxhumana naye ngoba bakhombisa ukungavuleleki kanti izikhathi zishintshile kakhulu.

Uma abesifazane nabo bengazama ukuvuleleka kubathandi bomculo lokho kungaba nomehluko omkhulu ekwesekweni kwabo ngoba sekuyindlela leyo umculo osusetshenzwa ngayo esikhathini sanamuhla,” kusho uPhumelele.