EzintshaUmasikandi

Akukacaci ngekusasa leqembu Amabhenanyawo yize libonakale estudio lizilolonga

INTATHELI YENGEDE

Ibibhalwe emehlweni injabulo kubalandeli nabathandi beqembu Amabhenanyawo obesekuphele isikhathi eside lingasabonakali.

Leli qembu lihlanganiswe yizinsizwa ezidabuka ogwini oluseningizimu nesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Ngeledlule kube nelikhulu igidigidi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi abalandeli bebona uNyonemhlophe, uThwasa leKhansela, uBahubhe, uPhuzekhemisi, uMbuzeni, uChwane leBhaca kanye noMkhanyiselwa beshaya izigingci zabo estudio.

Kube sekuzwakala izinkulumo eziningi njengoba kubekhona abebethi leli qembu selibuyile. Leli qembu laqala ukubonakala eminyakeni edlule ngesikhathi kuzokuba nomcimbi waMantshontsho owawukade uhlelwa uMnu uMlamuli Nxele lapho laliqhathwe nezinsizwa zaphesheya koThukela.

Sekungumlando ke manje ukuthi Amabhenanyawo yiwona adla umhlanganiso kulowo mcimbi.

Okwadonsa kakhulu abalandeli kwaba yindlela lezi zinsizwa ezazixebula ngayo bukhoma izigingci kubonakala ukuthi zidlisela ogageni ezaphesheya koThukela.

Ngeledlule abalandeli abaningi bebezitshela ukuthi leli qembu lizokhipha icwecwe lawo ngemuva kweminyaka lingabonakali endimeni kepha abaculi bebelokhu benake imisebenzi yabo ngabodwana.

Nokho ngokuthola kweNgede leli qembu belise studio nje bebezoshaya ingoma eyodwa okuzokhangiswa ngayo umcimbi obizwa nge Ugu Jazz Festival, okuwumcimbi obanjwa minyaka yonke.

UNyonemhlophe ukuqinisekisile ukuthi impela bangenile estudio kodwa bazokwenza ingoma eyodwa. Uveze ukuthi bezingakabikhona izinhlelo zokwenza icwecwe eliphelele kodwa kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi kuzoqhubekani.

Ngokunjalo neThwasa leKhansela likuqinisekisile ukuthi bonke bakhona bebezokwenza leyo ngoma eyodwa yalo mcimbi.

Lokhu kusho ukuthi abalandeli nabathandi baleli qembu kuzofanele bajabule babuye nganeno njengoba kungacaci ukuthi liyoke liqophe yini icwecwe eliphelele.

“Bese kuyisikhathi esiningi singasahlangani ndawonye njengeqembu kodwa kube umzuzu omnandi ukuba sibe ndawonye nezinsizwa. Okwamanje bezingekho izinhlelo zokwenza icwecwe eliphelele kodwa ke kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi kusazokwenzeka yini,” kugcizelela uNyonemhlophe. Okucacayo nokho ke ukuthi leli qembu lizobe likhona emcimbini wasogwini njengoba liqokiwe ukuthi lenze ingoma ekhuluma ngawo lomcimbi.