EzintshaUmasikandi

Kubhekwe igagu lasoPhongolo, uGatsheni kwiKhuphuka

YINTATHELI YENGENDE

Kule mpelasonto wonke amehlo abathandi nabalandeli bomculo kamaskandi azobe ethe njo emcimbini waminyaka yonke obizwa ngeKhuphuka Nezakho

Lo mcimbi uzobanjelwa ezinkundleni zemidlalo iCurries Fountain, eThekwini kanti sekuyiminyaka ubakhona. 

Kulo mcimbi kuhlale kubhekwe umculi ozothatha umklomelo ophambili wesamba sika-R100 000.

Kulo nyaka kubhekwe insizwa eshisayo endimeni, uGatsheni. Phela lensizwa yasoPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, isanda kuqopha umlando ngokuthi ithathe umklomelo wemoto iToyota Quantum, eyinqobe emcintiswaneni omusha iMother of all Maskandi Festival, ebingenyanga eyedlule ePeople’s Park, eMoses Mabhida. 

Kulowo mncintiswano uGatsheni nguyena owathola amavoti amaningi ukwedlula bonke abaculi ababekade bengenelile. 

Nakuyo le mpelasonto kubhekwe yena ukuthi uzokwazi yini ukuqhubeka lapho agcina khona ngokuthi ahlwithe lesi siteki. 

Ezibalweni zakamuva ubesalele endaweni yesibili njengoba ubelandela intandokazi yabaculi eThekwni, Ithwasa leKhansela. 

Kakungatshazwa ukuthi uGatsheni usebalwa nabaculi abahamba phambili emculweni kamaskandi kuleli njengoba igama lakhe lingasali nasemicimbini kahulumeni ngokunjalo nakuleyo ehlelwa amaqembu ezombusazweni njengoba elungiselela ukhetho. 

Ingoma yakhe ethi: Hit After Hit, izwakala zinkalo zonke futhi sekuvamisile ukuthi uma eseyicula bese abalandeli bemcela impinda. 

Kanti nabalandeli beThwasa leKhansela bathi yibona abazokwazi ukuliphahlaza ibhodlela likaGatshengi ngokuthi bakhale bemuke naso isamba esibekiwe. 

Kuzocaca ngoMgqobelo ke ukuthi ngubani ozoshintsha isheke.