Igila izimanga emculweni indodakazi kaNjemboqo
NGUNGO’BOMNYAMA
EMCULWENI kamaskandi kuyinto evamisile ukuthi uma umculi esedlulile emhlabeni bese kuphela kushabalala ngaye kunalokho kuzwakale ushini wakhe usudlalwa abantu abantu bakweminye imizi.
Nokho kakubanga njalo kumculi wase-Eastern Cape owayedume kakhulu futhi enabalandeli abaningi, uMfaniseni “Njemboqo” Shezi.
Kuthathe iminyaka elinganiselwa kwengama-12 ngaphambi kokuba uphinde uzwakale ushuni waleli qhawe eladlule emhlabeni ngo 2010 ngesikhathi elakuleli lisabungaza igidigidi lwemidlalo yomhlaba lwebhola lezinyawo.
Okuhlaba umxhwele ukuthi ushuni kaNjemboqo usubuyiswa yingane yakhe okuyiyo yodwa anayo.
UBalungile Shezi usephenduke undabamlonyeni emculweni kamaskandi kanti ukungena kwakhe endimeni kubuyise nabalandeli bakayise.
I-album yakhe esihloko sithi: Ingoma kaBaba, yiyo le eyahlanyisa abathandi bomculo kamaskandi ikakhulukazi e-Eastern Cape nase Western Cape, okuyizifundazwe uyise ayevamise ukuyocula kuzo.
Yize le album ingeyokuqala kodwa isinqobe izindodo ezibalelwa kweziyishumi phakathi kwazo okubalwa iSouth African Traditional Music Awards (Satma) best isiXhosa, kwalandela eye MTCMA, best female kwiSibaya samaciko nezinye ke izindondo.
Le ntokazi edume ngelikaBalungile kaNjemboqo, emculweni isibalwa nabaculi besifazane abahamba phambili e-Eastern Cape njengoba nasezinkundleni zokuxhumana siphezulu kakhulu isibalo sabalandeli esibazuzile iningi labo kuyilabo ababelandela uyise.
Ukusebenza noqweqwe lomculi uValangensimbi, kubonakala kube nomthelela omuhle kakhulu ekubuyiseni wona ushuni kaNjemboqo.
Lokho kudalwa ukuthi uValangensimbi wayedlala ibass guitor abuye acule kuma backings ezingomeni zikaNjemboqo.
Echaza ngokungena kwakhe emculweni kamaskandi, uBalungile, uthi lento yaqale yafika ngephupho kumzala wakhe uLungile Shezi.
Uthi yilo mzala wakhe owayehlezi ezombikela ngokuthi uhlushwa amaphupho kaNjemboqo ebuza ukuthi uBalungile uzocula nini kanti.
“Ngesikhathi umzala enokungitshela ngalamaphupho, okokuqala angiwathathelanga phezulu ngoba mina ngangikade nginesifiso sokucula umculo wokholo.
“Ngokuhamba kwesikhathi umzala engitshela ukuthi ubaba uyambelesela emaphusheni ubuza ukuthi yini le engiyilindile nginganeni emculweni.
“Nami ngigcine sengibona ukuthi kusho ukuthi sikhona ngempela lesikhalo kubaba ngoba igama lakhe lase lithanda ukushona phansi nomculo wakhe ungasadlalwa emisakazweni,” kuchaza yena.
Uthi kuyilapho wathatha isinqumo sokuzidela amathambo waxhumana noValangensimbi wamtshela ngalenkinga yalamaphupho kayise.
“Yazi uValangensimbi wavele wathi kimi mangingene ukhona yena uzongeseka ngoba lokhu kuzobuyisa igama likababa lingashabalali emculweni.
“Singenile sasebenza ngakuthola konke ukwesekwa kanti nabalandeli baka baba wami bavuka phansi bangeseka njengoba namanje kusakhona abangifonelayo bezwakalisa injabulo,” kusho uBalungile.
Mayelana nokunqoba izindondo eziningi kangaka ngesikhathi esifishane naye uthi akazi konke lokhu kwenzeka kanjani.
“Ukukhuluma iqiniso mina bengisalwa nokubuyisa ushuni kaNjemboqo kubantu.
“Ngangingalindele lutho ngoba ingisanecwecwe elilodwa, lena yezindondo namanje isangimangaza ukuthi kanti loshuni unjani.
“Kuze kube yimanje ziyi-10 izindondo angazi kuyobe sekunjani uma sengikhipha icwecwe lesihlanu.
“Ngiyacabanga ukuthi naye ubaba wami uyajabula lapho ekhona uma engibona ngiqhuba umsebenzi wakhe futhi abalandeli bakhe bekujabulela engikwenzayo,” kubeka uBalungile ehleka.

