Uncategorized

Umculi udalula isizathu esamenza wathatha ikhefu emculweni kamaskandi engakhiphi

INTATHELI YENGEDE

Ngemuva kweminyaka emibili engasakhiphi umculo omusha kodwa kube yinjabulo nenhlokomo yodwa kubalandeli bakhe ngesikhathi sekuzwakala izindaba zokuthi iqhawe labo likhuza ibuya endimeni.

Isibuye ngezinkani emculweni insizwa uNongoma Gompo odabuka esigodini saseMaxhama kuCentane, Eastern Cape, ngemuva kwesikhathi engakhiphi.

Le nsizwa ingomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi phansi kubalandeli esifundazweni sase-Eastern Cape, idume kakhulu kwelinye iqembu layo, Amawele kaMaMtshawe.

Phela le nsizwa kwaba yiyo umuntu wokuqala ukudlala umculo kamaskandi endaweni yakuCentane njengoba kwakukade kudume ezinye izinhlobo zomculo, futhi nguye owayedlala isigingci, okwaze kwenza abantu bawuthanda lomculo kule ndawo.

Kube yinjabulo enkulu kubalandeli nabathandi bomculo wayo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kuzwakala izindaba zokuthi uNongoma usebuyile ngecwecwe elisha.

Bese kunokukhathazeka okukhulu kubalandeli bebona iqhawe labo lingasakhiphi njengoba lagcina ngonyaka ka 2021 ngesikhathi likhipha icwecwe ngaphansi kweqembu Amawele kaMaMtshawe.

Kulokhu ukhiphe icwecwe elisha ngaphansi kweqembu lakhe angena ngalo emculweni elibizwa ngegama lakhe, uNongoma.

Yize bese kuyisikhathi agcina lomculi ukuqhamuka nomsebenzi omusha kodwa abalandeli bakhe bebelokhu bekhona futhi bemeseka.

Lokhu kubonakele ngesikhathi lomculi evotelwa emncintiswaneni obukhona eThekwini, iMother Of All Maskandi Festival, lapho iqembu lakhe labakhona kubaculi abahlanu bokuqala abahamba phambili ngokuvotelwa abalandeli.

Ukukhipha kwakhe icwecwe elisha kubonakale sengathi kuvuse bonke abalandeli balo mculi njengoba iphezulu inhlokomo.

Ukuqhubeka nokudlalwa komculo wakhe emisakazweni eminingi ikakhulukazi ezifundazweni Eastern Cape nase Western Cape kubonakala kube yikhubalo elihle ekugcineni igama lalomculi lihlezi ezinhliziyweni zabalandeli.

Leli cwecwe lakhe elisha elisihloko sithi: Uvengobani, kuyezwakala ukuthi nayo insizwa ibisikulambele kakhulu ukubuyela endimeni.

Lo mculi uthi kunezizathu ezinqala ezamenza ukuthi athathe ikhefu kancane ekukhipheni umculo omusha.

Ekhuluma neNGEDE ngalomsebenzi omusha, uNongoma uthi kwayena ubengasakutholi ukuphumula ngabalandeli abebehlezi bemthinta bembuza ukuthi kuqhubekani ngaye emculweni. UNongoma uthi abanye bebezwakalisa ukukhathazeka kwabo bezitshela ukuthi kungenzeka iqhawe labo selathatha umhlalaphansi emculweni.

“Bengingawufulathelanga umculo kamaskandi kodwa bengisafuna ukulungisa umuzi wakithi ngakho ke konke ebengikwenza bekudinga ukuthi amasentshana engiwatholayo ngilungise ikhaya,” kucacisa uNongoma. Uthi njengoba ewumuntu osemehlweni abantu ngenxa yodumo lomculo inkulu ingcindezi abebhekana nayo.

“Kwaba yisinqumo esinzima engasithatha sokuba ngithi ukuma kancane ekukhipheni ngilungise isimo sekhaya lami. Lokho bekungesiyo into ebengingayitshela bonke abantu kodwa labo abebengithinta bengihlezi ngibachazela ukuthi ngisekhona emculweni.

Kungijabulise kakhulu ukubona indlela umsebenzi wami omusha abakhombise ukuwuthakasela ngayo abalandeli,” kusho uNongoma.

Uthi akasalali yimilayezo eqhamuka kubalandeli bejabula bebonga ukubuya kwakhe kanye nolozolo lwezingoma azikhiphile kuleli cwecwe elisha.

Ebuzwa ukuthi ubengenalo yini uvalo lokuthi bekungenzeka abalandeli bamshiye ngoba engasabenzeli umsebenzi.

Uthi lokho bekungakaze kwamfikela ngoba abalandeli nabathandi bomculo wakhe kade babema naye ngezikhathi ezinzima bemeseka.

Uqhube wathi kulomsebenzi wakhe omusha ubuyise sona isigqi esidala uNongoma ayekade vele aziwa ngaso endimeni njengoba nentambo ezidlalela.

Le nsizwa ithi kuyikhuthaze kakhulu nokubona abalandeli beyivotela emincintiswaneni eyahlukene yize ibingasakhiphi.

“Anginawo amazwi awenele engingabonga ngawo kwizinkumbi zabalandeli bomculo wami abahlezi belwela ukuliphakamisa igama lami emculweni.

Kuyisethembiso sami ukuthi ngiyohlezi ngibajabulisa ngibenzela umculo abazowuthanda ngoba bangikhombisile kuleminyaka ukuthi bayakholelwa kakhulu kwengikwenzayo,” kusho uNongoma.

Ubuye waphonsela nabahleli bemicimbi kamaskandi inselelo ukuthi abamnikeze ithuba naye azogadulisana nazo ezinye izinsizwa ngoba akesabi lutho oluphambi kwakhe.

Njengabo bonke ke abanye abaculi bakamaskandi abadabuka esifundazweni sase-Eastern Cape naye uNongoma uzwakalise ukukhathazeka ngokungesekwa kwalomculo ezinhlakeni zikahulumeni. Muva nje sebebaningi kakhulu abaculi abadabuka kulesifundazwe abagxeka ukukhishwa kwabo inyumbazane nguhulumeni bese kuphakanyiswa kakhulu umculo wokholo.

UNongoma uthi usezinhlelweni zokusabalalisa lomsebenzi wakhe omusha ukuze ufinyelele kuzona zonke izindawo ezinabathandi nabalandeli bomculo wakhe.

Leli cwecwe elisha likaNongoma seliyatholakala kuwona wonke ama digital stores omculo.