Sebephenduke oZama-Zama abaculi abangaqashwa
YINTATHELI YENGEDE
Ukungaqashwa emicimbini eyahlukene kanye nokungadlalwa komculo wabo emisakazweni sekwenze ukuthi kubekhona abaculi bakamaskandi asebethathe isinqumo esinzima nesinobungozi ngenhloso yokuziphilisa nemindeni yabo.
Ngokuthola kwephephandaba INGEDE kuvela ukuthi siphezulu kakhulu isibalo sabaculi asebethathe isinqumo sokuphenduka oZama-Zama, abamba igolide ngokungemthetho ezimayini ezingasasebenzi, eGoli.
Lo msebenzi uyingozi kakhulu njengoba kuthiwa uhambisana nejele kanye nokufa ngoba ulawulwa ngesibhamu.
Kuthiwa abaculi abaningi ikakhulukazi abazinze eGoli sebephephele ekumbeni igolide ngoba bebona ikusasa labo lishabalala emculweni.
Iningi eligcwele kulemigodi kuthiwa amagidangoba amaqaqembu ehlukene ngoba sekuwacacele ukuthi kalisekho ikusasa emculweni.
Kuvela ukuthi ingcindezi esidale ukuthi iningi liyoziphonsa kulemigodi yingoba befuna ukuqhubeka bethole imali yokuthenga izingubo ezibizayo njengoba kuthiwa iningi imali etholakala ngokuba uZama-Zama.
Yize kunjalo abaculi kabafuni ukwaziwa ukuthi bazifake kulo msebenzi ngoba bebalekela ukuboshwa ngoba kuyinto engavumelekile.
Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni edlule kwadutshulwa kwabulawa uZinothi “Mtaka Anti” Khanyile, owayehlobene noMtshengiseni “Indidane” Gcwensa.
Le nsizwa eyayihola amaqembu ehlukene omculo okubalwa kuwo iqembu Amabhoza, Izintatheli namanye kwamangala abaningi uma sekuvela ukuthi ukubulawa kwakhe ehostela eDenver, kuhlobene bombango oshisa phansi wokumbiwa kwegolide ngokungemthetho.
Kukhona nabanye abaculi okuthiwa bangene bathi shi endabeni yokumbiwa kwegolide.
Omunye wabaculi ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe ngenxa yokuba bucayi kwalolu daba, uthi isinqomo sokuphenduka uzama-zama kasibanga lula kuye kodwa yisimo esamphoqa.
“Namanje umculo yinto esegazini kimina kodwa indlela obese kwenzeka ngayo le yokuthi singaqashwa noma uma kwenzekile saqashwa singakhokhelwa yiyo kanye egifake kulento yokumba umgodi.
“Wona ngumsebenzi obucayi futhi uma ukuyo lento uphakathi kokufa nokuphila.
“Nami kayikho into ebengingayenza ngoba imisebenzi kayikho kanti umculo yinto engangithembele kuyo ngoba phambilini ngangikwazi ukondla umndeni kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwaphela konke lokho.
“Umculo wethu ubungasadlalwa emsakazweni singenayo nemali yokugwazela abasakazi ukuze basidlale, kangiyiphathi ke eyama-festival, thina besiyizwa ngendaba leyo.
“Omunye umcimbi sake sabizwa kuwo sayodlala eThekwini kodwa kwaphela izinyanga singakhokhelwa kwaze kwaba ukuthi amafoni ethi kawasaphendulwa.
“Yikho ke mina nezinye izinsizwa saqunga isibindi sangena kulento,” kusho lensizwa yaseMsinga.
Omunye owake wabiza ingoma kwelinye iqembu elidumile elisekhona endimeni yena uthi baningi abaculi abacashile abaziphilisa ngokuba ozama-zama.
“Njengoba sigqoka izingubo ezibizayo ukusuka phezulu ukuya phansi esicathulweni lokho ngeke ukwenze ngemali yokugida ingoma kuphela.
“Yebo kasifuni ukwaziwa ukuthi senza lomsebenzi ngoba lokho kungenza ukuthi umphakathi usibuke kabi kanti nathi sekuyindlela ngoba phela amaqembu awasaqashwa ndawo ngokunjalo nasezinhlelweni zemisakazo kukhona abavimbe esangweni kakungeneki sdalo,” kusho le nsizwa eyayaziwa ngokuba nephimbo elimnandi kuma backings.
Ithi bona bengabaculi bayazana kakhulu abenza lomsebenzi ngoba kusemqoka ukudonsana indlebe uma kuzogasela abomthetho noma uma sekusuka impi.
“Uma ungake ufike kulemigodi ungakhexa umlomo yizinsizwa ozaziyo ongazifica zizama khona kodwa ezingafuni nangengezi ukuthi kwaziwe ukuthi zikulomshika-shika.
“Baningi futhi abasazosijoyina ngoba siyabona ukuthi kuya ngokubanzima kakhulu manje emculweni sekugijima indaba yoqhawe lami kuphela,” kusho yona.

